Ziningi izincwadi ezikhuluma ngokuzenza sibengcono kukho ukuxhumana kwethu nabantu. Ngaphandle kokungabaza kwezinye izikhathi uke wacabanga ukuthi umhlaba ngabe ungcono kakhulu ukube awoniwanga abantu. Kodwa uNkulunkulu akasiyekelanga ukuthi sizivundulule izincwadi ezizosenza sizinikeze thina usizo lokuthuthukisa ukuxhumana kwethu nabantu.
Incwadi yeZaga ikunika lokhu okungezansi okune kokukugqugquzela ukuthi uziphathe kangcono uma uxhumana nabantu noma kuphi.
Okokuqala, yiba ngosheshayo ukunikezela abanye usizo kunokuthi ubasebenzisele ukuthi kuzuze wena. (iZaga 3:27-29)
Okulandelyo, funda ukubhekana nengxabano ngokomqondo ovuthiwe, kungabi ngendlela enobuntwana (iZaga 3:30, iZaga 24:28-29;iZaga 25:8-10; iZaga 29:5). Lokhu kulula ukukukhuluma kunokukwenza, kodwa lamavesi asinikezela ubuhlakani bohlobo olukanje ukuze kuthi ngokuwalandela, uzokwazi ukugwema ingxabano ngaphambi kokuthi yenzeke.
Okwesithathu, bahloniphe njalo abahluphekayo (iZaga 14:20-21)
Okwesine, ungabi umthwalo kulabo ozwana kahle nabo (iZaga 25:17; iZaga 27:14)
Kungabe ungumuntu ohlakaniphile noma oyisiwula kubudlelwano onabo nabantu?