Abantu baNkulunkulu bahlezi besethubeni elihle kunabanye lokubhekana nezingqinamba zalempilo. Lokhu kungenxa “yoBudlelwano obuPhelele” phakathi kweQiniso noThando oluchaza yonke impilo yethu. LoBudlelwano obuPhelele buyisisekelo sokukhonza kwethu kukamoya kodwa futhi bunemigomo enokuhlobana nempilo yethu yenyama.
Ukukhula ngokomoya kusebenza kahle uma sesifunde “ukukhuluma iqiniso ngothando”. “uBudlelwano obuPhelele” beQiniso ngoNkulunkulu, ngathi, ngensindiso, ngalomhlaba, nangakhokonke okunye empilweni ( 2 kwabaseKhorinte 4:2), kanye noboThando njengoba senza kwabanye lokho esingathanda ukuba nabo bakwenze kithina (Lukha 6:31) iyona yodwa indlela esikhula ngayo ngokomoya. Amanga neqiniso elingaphelele akwakhi. Kanjalo nezinhloso ezifihliwe nomona akwakhi. Kunalokho “IQiniso ngoThando” Ilona izinga elichaza ubuKrestu.
Kepha sithi sibambelele eqinisweni ngothando, sikhule ngakho konke kuKhristu, oyinhloko
kwabaseEfesu 4:15
Yize lokhu kungokukhula ngokomoya, indlela ekuphathwa ngayo inkonzo, kanye nokukhonza, kodwa imigomo efanayo iyona esekele indlela esiphila ngayo kulomhlaba ngezikhanzi ezinzima. Iqiniso, hayi amahemuhemu, noThando, hayi umona, Ilona izinga ekufanele thina njengamaKrestu siphile ngalo emhlabeni wezinkinga.
Sikholelwa kwiqiniso, ngakho asikholwa yiwona wonke amahemuhemu asabalaliswa izinhlelo zokuxhuma. Siyalithanda iqiniso, ngakho asilandeli zonke izindaba ezithokozisayo. Saziwa ngalo iqiniso, ngakho asisabalalisi izinto singaqalanga sazihlola ukubona ubuqiniso bazo. Lisenza singasheshi ukuphendula ngokwemizwa, futhi singasheshi ukuphendula (ngisho nokubhala efonini), kodwa sisheshe ukulalela okuyikona ngempela okukhathazayo. (ekaJakobe 1:19).
Siphila ngothando futhi. Siyamuthanda umakhelwane wethu uma silula isandla ngendlela enomfutho ofanayo noma sizenzela thina (kwabaseGalathiya 5:13-15). Siyabathanda labo abaseduze nathi uma sibeka umona eceleni, bese sinaka okukhaza abanye (kwabaseFiliphi 2:3-4). Siyathanda uma sinokubekezela, isihe, singaphikeleli kweyethu indlela, singaziphakamisi, sithembe zonke izinto, sibekezelele zonke izinto ( 1 kwabaseKorinte 13:4-7)
Usaqhubeka uphila kwizikhathi lapho amahemuhemu nomona kukuningi, yaziwa ngo “Budlelwano obuPhelele” be”qiniso ngothando”.