Bengifunda ngase ngahlangana naleligama “ukucabanga ujule”. Ukucabanga ujule yisimilo esinganakiwe ngoba asiqondwa ngendlela ekahle. Kwincwadi yakhe ethi Knowing God (Ukwazi uNkulunkulu), uJ.I Packer ucacisa ukuthi kuyini ukucabanga ujule kweqiniso ngokokusho kweBhayibheli.

“Ukucabanga ujule umsebenzi wokubuyekeza ngengqondo, ucabanga ngokuphindelela, uhlale kuleyonto oyicabangayo, bese wenza izinto ezihlukene ozaziyo mayelana nemisebenzi, nezindlela, nezinhloso kanye nangezithembiso zikaNkulunkulu. Kuwumsebenzi wokucabanga okungcwele, owenziwa ngokuqaphela phambi kukaNkulunkulu, ngaphansi kweso likaNkulunkulu, ngosizo lukaNkulunkulu, okuyindlela yokuxhumana noNkulunkulu.”

Uchaza inhloso yokucabanga ujule ngalendlela elandelayo:

Inhloso yakho ukwenza indlela umuntu abuka ngayo uNkulunkulu ibe sobala kuye ngokwengqondo nangokomoya, nokuvumela iqiniso likaNkulunkulu ukuthi lenze umehluko ngokugcwele futhi kahle emqondweni nasenhlizweni yomuntu. Kuwukukhuluma noqobolwakho ngoNkulunkulu nangawe, empeleni kuyinkulumo mpikiswano obanayo noqobo lwakho, uxoxisana noqobo lwakho ukuba usuke kukho ukungabaza nakukho ukungakholwa ungene kukho ukuqonda amandla nomusa kaNkulunkulu.”

Ngakho ukucabanga ujule kwaMakrestu akusikhona ‘ukukhipha izinto engqondweni’ noma into engajwayelekile, noma into engaqondakali. Kunalokho, ukusebenzisa ngenhloso iQiniso elambuliwe kwiMibhalo Engcwele ukuqondisa ukucabanga komuntu ngezinto zonke.

Umphumela wokucabanga ujule uwukukhuthaza okumangalisayo ukuba ukwenze “ukuzilungisa wena qobolwakho usebenzisa iQiniso”.

Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”

UJoshuwa 1:8-9

Enye yezibonelo ezinhle kakhulu yokwenza kanye nenhloso yokucabanga ujule itholakala kwincwadi Amahubo 77. Hamba uyifunde, bese ucabange ujule ngayo ukuze nawe uqine, ume isibindi kulomhlaba.