Sidalelwe ukuthi sikhonze. Siyakhonza uma izenzo zethu zenza ukuba wonke amehlo adonseleke kuNkulunkulu. Ngasese siyakhonza uma amehlo ethu ebheke kuNkulunkulu; Phakathi kwabantu siyakhonza uma senza amehlo abanye adonseleke kuNkulunkulu; ngokuhlanganyela siyakhonza uma thina, ndawonye njengamakholwa, sidonsela amehlo omunye nomunye kuNkulunkulu.
Izindlela zokuveza ukukhonza zihlukene kaningi, yize zincike kakhulu ekutheni yini kahle kahle engenza amehlo ethu adonseleke kuNkulunkulu.
Ukucula okunomsindo ophezulu, okunomfutho, okulekelelwa ngezinsimbi zomculo odonsela amehlo kuNkulunkulu mhlawumbe enye yezindlela kweziningi ezisobala zohlobo lokukhonza. Kanjalo nokunikela ngemali kumsebenzi wokuhanjiswa kwevangeli owenza amehlo abantu adonseleke kuNkulunkulu. Ukufunda uMbhalo enye indlela esobala yokukhonza, ngakube ngasese, noma esidlangalaleni, noma ngokuhlanganyela lapho amehlo ethu edonselekela kwincwadi ekhuluma ngoNkulunkulu, esiyinikezeliwe nguNkulunkulu. Siyakhonza uma sikhuleka ekusithekeni, esidlangalaleni noma kanye nomunye nomunye. Siyakhonza uma silulekana sibuyisela amehlo ethu ukuba abheke kuNkulunkulu. kuwukukhonza ngasosonke isikhathi uma sidonsela ukunaka kwabanye ukuthi kube kuNkulunkulu ngokuthi sifakaze kubo ngomsebenzi weNdodana Yakhe esiphambanweni kanye nasezimpilweni zethu.
Bese kuba khona izindlela zokuveza ukukhonza ezingekho sobala ngaleyondlela. Sikhonza uNkulunkulu uma sithuli silalele kuze kuphele ihora sichazelwa iZwi Lakhe. Sikhonza uNkulunkulu lapho sikhonzana omunye nomunye ngesikhathi senhlanganyelo ngemuva kokushunyayelwa kweZwi, sikhuthazana sikhombisana nothando lobuzalwane. Sikhonza uNkulunkulu lapho sesiphumile enkonzweni siya emakhaya bese sibonisana ngesihle ukuthi ngubani ozokwenza ukudla uma sesifikile ekhaya. Sikhonza uNkulunkulu lapho sibeka izifiso zabanye kuqala kunalezo zethu, ngisho nakwizinto ezisobala zempilo, njengokuthi ubani ozosebenzisa indlu encane kuqala uma sifika ekhaya. Sikhonza uNkulunkulu lapho sifunda iphephendaba noma sibuka izindaba kumabonakude bese singathembi imizamo yabantu kodwa sithemba uNkulunkulu ukuthi uzoletha ubulungiswa kukona konke ukungalungi. Sikhonza uNkulunkulu lapho siphendula kahle labo abasichukuluzayo, lapho sihlekisana nawo wonkeu, lapho sizwelana nomunye, lapho senza lokho uNkulunkulu asinikezele kona ngokuthobeka nokuzimisela. Sikhonza uNkulunkulu lapho sithobeka kubantu bomthetho uNkulunkulu ababekile ngaphezulu kwethu. Kubalwa bonke abantu bomthetho kusukela kubazali bethu, kuya kube fundisi, kuya kuMongameli welizwe kanye nosopolitiki.
Lezizindlela zokuveza ukukhonza zingangachazwa ngazikhathi zonke njengendlela yokukhonza, kodwa nazo ngokwazo ziyakudonsa ukubukwa ukuthi kube kuNkulunkulu. Zikhombisa kuwona wonke umuntu, ngisho nakuSathane qobolwakhe, ukuthi uNkulunkulu uzishintsha kanjani izimpilo zabantu. Izimpilo zethu zansuku zonke ezishintshwe nguNkulunkulu ziyizenzo zokukhonza njengalokhu zindonsela amehlo kuNkulunkulu. Akusikho yini lokhu akushilo uJesu?
Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini.
ngokukaMathewu 5:16
Yini-ke pho ukukhonza? Ukukhonza akuqali kubhekwe ngendlela esikuveza ngayo, kodwa kuqala kubhekwe ngalowo okunguyena okhonzwayo. Ukukhonza kuwukuphila kanye nokukhuluma ngendlela yokuthi amehlo adonseleke kuNkulunkulu nakwi Ntando Yakhe. Senza kanjalo kwimpilo yethu yangasese, eyase sidlangalaleni, kanye neyokuhlanganyela eBandleni.
Ukukhonza kuwukuphila kanye nokukhuluma ngendlela yokuthi amehlo adonseleke kuNkulunkulu nakwi Ntando Yakhe.
Kwisivumelwano sikaNkulunkulu noIsrayeli eNtabeni yaseSinayi, imizimba yezilwane ezifile eyayenze imihlatshelo ngokusobala yayingxenye yokudonsela amehlo kuNkulunkulu.UMphostoli uPawuli ukhuluma ngazo izindlela ezisobala zokuveza ukukhonza, abizele nathi kwizindlela ezifanayo zokukhombisa ukukhonza. Yize kodwa thina, njengalokhu singaphansi kweSivumelwano Esisha, asisebenzisi iminikelo yezilwane, kodwa kunalokho sisebenzisa imizimba yethu qobo ukudonsela amehlo kulokho okungcwele nokwamukelekile kuNkulunkulu. Ngakho ke asingabe sisakushaya indiva ukukhonza ngokuthi singene size sigxile kwizindlela zalelizwe. Kodwa asikhonze uNkulunkulu ngokuthi singadonseli amehlo kithina, noma kulelizwe noma komunye nomunye, kodwa asiwadonsele kwintando kaNkulunkulu yona elungile, eyamukelekile nephelele.
Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya. Ningalingisi leli lizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe yintsha ingqondo yenu ukuze nikwazi ukuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, okuthandekayo, nokupheleleyo.
kwabaseRoma 12:1-2