Sihlangana noThimothewu okokuqala emva komhlangano webandla wokuqala kwincwadi yeZenzo 15. Ngemuva kwalowomhlangano webandla, uPawula wanikezelwa umsebenzi wokuhambisa isinqumo esithathwe emhlanganweni kuwona wonke amabandla, ngaleyondlela wathatha uhambo lwakhe lwesibili lwevangeli.

kwiZenzo 16 sifunda ukuthi “uPawuli wahamba waze wafika endaweni yase Derbe nase Listra” kulapho sethulelwa khona uThimothewu ngalamazwi:

Lapho kwakukhona umfundi othile, igama lakhe kunguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo wakwaJuda, kodwa uyise wayengumGriki, wayenconywa ngabazalwane baseListra nabase-Ikhoniyu.

Izenzo 16:1-2

Kungenzaka ukuthi kwakusohambeni lukaPawuli lokuqala lwevangeli. Lapho evakashele amadolophi aseDerbe nase Listra, okuyisikhathi uThimothewu asindiswa ngaso, nokuthi kwaba ukuhlangana okugcwele intokozo lusaqala nje uhambo lukaPawuli lwesibili lwevangeli.

Ngokuka 1 Thimothewu 1:18 no 1 Thimothewu 4:14, uThimothewu waqokwa njengo mshumayeli wevangeli onesiphiwo nokungenzeka kungakho uPawuli acela uThimothewu ukuthi ahlanganyele naye ohambeni lwakhe oluya kuwona wonke amabandla.

Kusuka ngalesosikhathi, uThimothewu noPawuli bachitha isikhathi esiningi somsebenzi wevangeli bendawonye baze baba ngabangani abakhulu. KwiZenzo 17 uPawuli wabashiya uThimothewu noSila eBhiriya ebanika umsebenzi wokuqhubeka umsebenzi ayesewuqalile kodwa yena kwaphoqa ukuthi ahambe ngenxa yokuhlushwa kwamakholwa eThesalonika.

Kafushane futhi base bendawonye bonke bachitha isikhathi esingango nyaka eKhorinte lapho uThimothewu waba ngobambisene noPawuli ekubhaleni izincwadi eziya eThessalonika. Eqinisweni, uPawuli wathumela uThimothewu kubazalwane base Thesalonika njengoba yena wayengakwazi ukuya, esho ngokusuka ekujuleni kwakhe ukuthi uma uThimothewu enabo, bazothola izimfundiso ezifanayo nothando olufanayo nalolo ebeluyakukhombiswa nguyena uPawuli.

Ohambeni lukaPawuli lwesithathu lwevangeli uThimothewu wasengesiye nje umuntu wokuthunyelwa ukuyokhuthaza aphinde afundise abazalwane njengoba enza eThesalonika, kodwa wayesengumuntu uPawuli amthumela ukuthi ayofundisa aphinde alungise izinkinga ebandleni laseKhorinte nelaseEfesu. Ngasekupheleni kwencwadi yeZenzo, uPawuli usesejele eRoma uThimothewu wabe esephenduka izinyawo nomlomo kaPawuli.

Lalela ukuthi uPawuli uthini ngoThimothewu ebandleni laseFiliphi:

Kepha ngethembela eNkosini uJesu ukuthi ngizothumela kini uThimothewu ngokushesha, ukuze nami ngigqugquzeleke nxa sengizwe izindaba ezivela kini. Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho. Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu. Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli.

KwabaseFiliphi 2:19-22

Ekuhambeni kwesikhathi, njengalokhu uThimothewu ayethunyelwe eFiliphi, kanjalo wathuyelwa edolophini lase Efesu khona kwakunecebo lesikhathi eside emqondweni. UThimothewu noPawuli bahlangana izikhashana eziningana ngemuva kokukhululwa ejele laseRoma okukhulunywe ngakho kwiZenzo 28, kodwa uThimothewu wayesezinzile ngkuphelele njengomfundisi nomelusi wakhona e-Efesu.

Yilapho ke sihlangana noThimothewu kwincwadi yokuqala kuThimothewu- njengomfundisi omusha ebandleni lase-Efesu. Ibizwa kahle uma kuthiwa incwadi yokuqala kuThimothewu, hayi ukuthi eyesibili kwabaseEfesu, ngoba lencwadi yayiqonde ngqo kuThimothewu ukumkhuthaza ukuba abe umfundisi olungile.

UThimothewu usikhumbuza ngendlela emangalisayo uNkulunkulu asindisa ngayo izoni, Aziqokele umsebenzi wevangeli, bese Azibonakalisa ukufaneleka kwazo ngothando ezinalo ngabantu bakaNkulunkulu. Bazise abafundisi abafana noThimothewu; balingise abafundisi abafana noThimothewu ngothando lwakho onalo ngamanye amakrestu.