Ukuba umzali kuwumsebenzi wazikhathi zonke. Kwesinye isikhathi ukuba umzali kudinga isenzo esinzima sokusindisa ingane kwisenzo esilimazayo, kwezinye izikhathi kuba ukunikezela inkulumo engathi awunakile oyikona okufinyelela kwinhliziyo yengane. Izaga zinikezela umyalelo kubazali, wezikhathi zonke zokuba umzali.
iZaga 23:12-19 zisinikezela indlela enhle esingayisebenzisa ukuhlala phansi nomntwana njengomzali. Ukwenzeka kwayo kungabukeka kanje:
“[ Igama lomntwana], mina nawe kusakuningi ekumele sikufunde empilweni. Ngizimisele ngokufunda kakhulu ngoNkulunkulu nokuthi iyiphi indlela Angitshela ukuthi impilo yami ngiyiphile ngayo ( Izaga 23:12). Isizathu esenza ngikusize uma uganga ukuthi ngenzela khona uzofunda (Izaga 23:13). Uyazi ukuthi njalo uma ngikweluleka, ngisindisa wena kwimpilo embi engakwehlela (Izaga 23:14)? Usuyazi manje ukuthi kungani ngigcwala ukujabula uma ngikubona wenza into elungile (Izaga 23:15-16). Khumbula ukuthi ngisho abanye abantu abaningi benza okuphambene noma ukungalungi, wena qhubeka wenze lokho okufundiswa nguNkulunkulu (Izaga 23:17). Ngaleyondlela uzoba nempilo enhle (IZaga 23:18). Ngakho ke, khumbula, ngiyakucela, ngilalele uma ngikufundisa ukuthi uphile kanjani; qiniseka ukuthi indlela yakho yokwenza izinto ileyo efundiswe nguNkulunkulu (Izaga 23:19). [ indlela enhle ekhombisa ukunakekela umndeni]”