Are you your own standard?
Christian obeying Government
Ukuthoba kwaMakhrestu ethobela uhulumeni isihloko esidinga imiyaleyo eqondile evela kuNkulunkulu ngoba kuyisihloko lapho imiyalelo ihluka kaningana kuya ngesimo okubhekanwe naso ngalesosikhathi.
Indawo lapho ekufanele kuqalwe khona esobala wonke Amakrestu azibuzayo ukuthi kunini lapho kumele kuthontshelwe imithetho nemiyalelo evela kuhulumeni ile ethi “Thoba”. AbaseRoma 13:1-7 bakhuluma ngesihloko sokuthi ngakube siyini isizathu sokuba khona kukahulumeni, ulithatha kuphi ilungelo lokwehlisela ubulungiswa, nokuthi yini umsebenzi wakho mayelana nokukhokha intela. Kodwa konke kuqala ngemiyalelo nencazelo egoqa yonke into:
Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.
KwabaseRoma 13:1-2 (IsiZulu 2020)
Ngamanye amagama, umcabango wokuqala okumele ufike kuMkhrestu maqondana nomthetho kahulumeni ukuthi “ngiyabonga, ngiwubona ngengentando kaNkulunkulu kimina. Ngizowenza futhi ngiwuthobele.”
“Kodwa”, abanye bayashesha ukufuna ukuphikisa, “senzanjani uma uhulumeni efuna ukuthi singathobeli uNkulunkulu?!!!!”. Nalokho futhi kubaluliwe eMbhalweni, kodwa qala uqinisekise ukuthi awusebenzisi lokho ukuthethelela umoya wokungafuni kwakho ukuthobela uhulumeni ozwa engathi ngandlela thize akafanelwe ukuba athotshelwe. AbaseRoma 13 babhalelwa Amakhrestu ayehlala kwinhloko dolobha eyayiphethwe uhulumeni owaye khonza izithixo ngokusobala, engesiye owenkolo yobukhrestu, futhi engagqugquzelwa ngisho nayimigomo yokwesaba uNkulunkulu. Lapho uhulumeni, ngisho kungathiwa umsebenzi wakhe obhalwe kwabaseRoma13 uwenza kahle kangakanani, uma efuna kwenziwe into ngokusobala engesona isono, muthobele, ungamelani naye, ngoba labo abamelana naye bazibizela ukwahlulelwa okuvela kuNkulunkulu, kanye nakuhulumeni. NjengaMakhrestu, sifanelwe sibe yilabo abaziwa ngoku “Thobeka kuNkulunkulu wethu ngakho ukuthobela uhulumeni wethu”.
Isehlakalo esaziwayo kakhulu lapho Amakhrestu anquma ukungamulaleli uhulumeni wawo sisithola kwiZenzo 5. Ngemuva kokushumayela iVangeli likaJesu Khristu, abaPhostoli bafakwa ejele base bebekelwa imithetho eqinile ebanqabela ukufundisa egameni likaJesu. Emveni kokuthola isijeziso sabo, nokukhululwa ejele ngokwesimangaliso samandla kaNkulunkulu, abaPhostoli baphendula bathi, “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.” (IZenzo 5:29). Isibonelo abasinikezela sona njengalokhu uhulumeni emiswe nguNkulunkulu, kuzohlezi kuwukumesaba uNkulunkulu okumele kugqame kwindlela esiphendula ngayo imiyalelo kahulumeni. Uma uhulumeni efuna kwenziwe into emelene ngokucacile nomthetho ocacile kaNkulunkulu wethu, lapho ke “silalela uNkulunkulu kunabantu.” Lokhu kungaba yinto evamile ukwenzeka kuMakhrestu ahlaselwayo, kodwa eqinisweni kuyinto ehlukile kumthetho ogoqa yonke into othi “thobeka kuNkulunkulu ngokuthobela uhulumeni wakho”.
Amakhrestu ayamuthobela uhulumeni wawo. Isikhathi lapho kuhlukile khona ilapho kuvela khona kuhulumeni umyalo ocacile ophambene ngokucacile nomyalo ocacile kaNkulunkulu. Kuzona zonke ezinye izikhathi siyathobeka bese uma kunesidingo senze ezinye izindlela zokukhombisa ngobufakazi uthando lwethu komunye nomunye kanye nokufakaza kubantu abaseduze nathi.
Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
KwabaseGalathiya 6:10 (IsiZulu 2020)
