UMA abanye bengagudluki endleleni yabo, banenkani;
Uma kunguwe, ukuma kulokho okholwa yikho.
UMA kukhona ongamthandi umngani wakho, uyabandlulula;
Uma wena ungamthandi owakhe, ungumuntu okwaziyo ukubona ubunjalo babantu.
UMA abanye bezama ukuphatha abanye kahle ngokukhethekile, bangamaxoki;
Uma wena wenza lokho, ungumuntu ocabangelanayo.
UMA umuntu ethatha isikhathi eside ukwenza into ethile kahle, uyivila;
Uma kunguwe onjalo, uthi ukwenzisisa kanye nokucabangisisa.
UMA omunye esebenzise imali eningi, uyamosha;
Uma kunguwe, uyaphana.
UMA omunye ebona umonakalo ezintweni zonke, uyashesha ukucasuka futhi uyagxeka; uma kunguwe, uyanakisisa.
UMA omunye ecabanga indlela engcono yokwenza into ethile, uyaziphakamisa; uma kunguwe, unomqondo ohlakaniphile wokuqhamuka nezinto.
UMA omunye ehlezi eveza umbono wakhe, uyaphazamisa; uma kunguwe, unomqondo ophusile
UMA omunye eziba ukungaphathwa kahle, uthi ulula;
Uma kunguwe, unomusa.
UMA omunye egqoka kahle ngokukhethekile, lowo muntu uthanda izinto ezibizayo; uma kunguwe, yingoba uyazazi izinto zokugqoka.
UMA umuntu ongamazi esho into ayicabangayo, uluhlaza;
Uma kunguwe, yingoba uyatshelana amaqiniso.
UMA umngani wakho ethatha isinqumo esibucayi kwezamabhizinisi, uyisilima; uma kunguwe, ungumuntu ohlela kahle izinto.
Kuthathelwe kuPaul Lee Tan, Encyclopedia of 7700 Illustrations #5498
Ukuzibona ungcono ngalendlela akumele kube yingxenye yempilo yethu njengaMakrestu.
- Ukuzicabanga ungcono ngaphezu kwabanye kuphambene nokuba yisidalwa esisha (2 Khorinte 5:15,17)
- Ukubeka abanye phambili kumele kube nezenzo ezihambisana nalokho (1Johane 3:17-18)
- Into ingaba ngelungile, kodwa uma ukulunga kuvela ngomona lokho akusiyo indlela yokwenza, ukwakha abanye yikho ekumele sikuhambise phambili (1 khorinte 10:23-24)
- Amalungu omzimba owodwa ayasebenzisana ngenxa yomzimba, awazisebenzeli ngalodwa (Roma 12:4-5)
- Ukuzibona ungcono ngaphezu kwabanye kanye nothando akuhambelani (1 Khorinte 13:5)
- Ukuzibona ungcono akuvezi ngokusobala ukuhlakanipha Kwaphezulu (ekaJakobe 3:13-16)
- Isibonelo sikaPawuli ebeka IVangeli phambili kunokuzibeka yena ( 1 Khorinte 9:22-23; 1 Khorinte 10:33)
- Bheka impilo yakho kusukela kukho ukuphenduka njengoku “bophezeleka” kwabanye, kungabi njenge “Lungelo” elingawe (Roma 15:1)
- UJesu wayengazibeki yena phambili kunabanye (Roma 15:3)
Ngakube izinga wonke umuntu okufanele ahambe ngalo uwena, noma uyayibulala yonke indlela yokuziveza ungcono kunabanye?