Christian fellowship
Ukuhlanganyela kwaMakhrestu kuyingxenye yezinto ezenziwa ibandla ejwayelekile, kusukela kwincwadi yeZenzo 2:42.
Bazinikela njalo esifundisweni sabaphostoli, ekuhlanganeni, ekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni.
Ukuhlanganyela kwaMakhrestu kuhlukile kunokuchitha isikhathi ndawonye naMakhrestu. Amakhrestu ajwayelana kalula, kodwa ukuhlanganyela kudinga ukufakwa kwamandla. Ukuhlanganyela kwaMakhrestu kuwu kwabelana ngokomoya okusekeleke ekuhlanganyeleni ensindisweni ekuKhristu leyo Amakhrestu ayinikezeliwe. Bheka lemisebenzi elandelayo yokuhlanganyela kwaMakhrestu:
- Yenza ngokudlulele okuhle komunye uma uthola ithuba (Galathiya 6:10)
- Hlanganyela kukho ukufunisisa ubungcwele nomunye nomunye (Hebheru 3:12-14)
- Yiba ngobambe iqhaza, ungabi isikhubekiso, ekwenzeni ukuthula ebandleni (2 Khorinte 13:11)
- Shesha ulule isandla kwizidingo zenyama zabazalwane kubengathi uJesu nguye odingile (Mathewu 25:34-40)
- Sebenzisa impahla noma ingcebo yakho yalelizwe ukwenza Amakhrestu azizwe amukelekile empilweni yakho egameni lokukhonza okunothando ( 1 Phethro 4:9-10)
Kuningi okungabalwa , kodwa loluhlu lulungele ukukunikezela isiqalo sokuhlanganyela kwaMakhrestu kweqiniso.
KwabaseFiliphi 1:9-11 banikezela uhlu lweziqhamu zokuhlanganyela kwaMakhrestu njengo thando olukhulu, ulwazi olungcono, ukuqonda okukhulayo, izenzo ezikhulayo ebungcweleni, ukulindela ngokushisekela okukhulu ukubuya kukaJesu, ubufakazi obucacile bomsebenzi kaNkulunkulu; kanye nempumelelo eningi ekwenzeni ubukhulu bukaNkulunkulu baziwe.
