Njengo kugijima komgijimi ongazinikelile ngenhliziyo yonke kuyehla kugcine sekuwukuhamba nje kwibanga elide ekumele ligijimwe, zikanjalo izimo zempilo kanye nemicabango ethenana amandla, ngokuvamile zinciphisa amandla okugqugquzela kukaMoya ukuba kuqhubeke ngokuqinile kuze kube sekupheleni komjaho walempilo.
Lengcindezi yangaphakathi neqondene nalezizimo isithiye abantu abaningi, abathi ngokungafinyeleli kukho ukukholwa okuphelele kweqiniso, bagcine ngokulahlekelwa ukuphila kwaphakade ngokuphelele.
Thatha uJudas njengesibonelo. Ukuhluleka kwakhe ukulindela inkazimulo yombuso, uthando lwemali ayenalo kwabambezela ukulandela kwakhe uKhristu kwaze kwafika lapho kushabalala ngokuphelele,kunalokho kwavele kwaphenduka kwaba ukuphokophelela ukukwenzakalisa umuntu. Ukukhohlakala kwakhe kwafakazela ukungabibikho kokukholwa kuKhristu. Uthando lukaKhristu okwakungathi unalo lwaphupha masinyane lwaba ukukhaphela ngokuphelele uKhristu.
Omunye umnuntu owayengenakho ukubekezela okwakuvela kukukholwa kweqiniso uDema. Kwincwadi ebhalelwe abaseKholose nenye ebhalelwe uFilemoni sihlangana noDema njengesisebenzi sokukholwa kanye noMphostoli uPawula. Wayengumuntu njengo Judas owaqala ngokumthanda uKhristu nezimfundiso Zakhe. Kodwa wayengenako ukubekezela. Ku 1Thimothewu 4:10 sifunda ukuthi uDema wayegijima umjaho wokukholwa ehamba eqalaza emaceleni kaningana waze wayekelela umjaho ngoba iziphazamiso ezisemaceleni zalelizwe sibukeka ziheha kakhulu kunoKhristu.
Ku 1Thimothewu 1:19-20 indoda ogama layo nguHimenewu yafelwa umkhumbi wokukholwa kwakhe. Yini eyamenza wayekelela waze washiya uKhristu? Ngokuka 2 Thimothewu 2:16-18, isifundiso seZwi esibi kanye neqiniso elingaphelele elibabazekayo yikona okwaba izihibe ezabamba uHemenewu nabangani bakhe.
Ukuzicabangela wena kunabanye abantu nomhobholo, ubuzwe nesifundiso seZwi esibi yikona okwakuwushevu owabulala ukubekezela empilweni kaJuda, Dema noHimenewu. Abafinyelelanga eZulwini.
Bhekisisa imisebenzi yokukholwa kwakho. Ngakube ukuphokophelela impumelelo yempilo yakho kuncima ukuphokophelela uKhristu, umusa nemithetho Yakhe, noma uzobekezela ngokubheka kuKhristu ezintweni zonke (Hebheru 12:1-3)?