Bonke abantu, yebo nathi esisindisiwe, banomkhuba omubi wokubhekana nesono.
Ikhambi lesono AKUSIKHO…
- Siphika
- ukukhuluma ngaso ngendlela ehloniphekile
- Ukuziba unembeza
- Ukuhlala ethembeni lokuthi kuzobangcono ngokuhamba kwesikhathi
- ukulahla omunye ngecala
- ukugxila ekwenzeni okuhle ngezinye izindlela (ngethemba lokududuzeka kububi obenzile)
- ukuhlukumezeka ngokulokhu unambithisisisa imiphumela yesono nokulokhu uzidabukela ngendlela engalungile
- ukulandela uhlu oluthile olukhuluma ngokuzisiza
…kodwa likhona ikhambi lesono, ukuvuma ukona kwakho noxolo ( 1 EkaJohane 1:9)
Izimpande zenkolo yaMakrestu yake yabekwa ngendlela efingqiwe ngu John Newton ( owayeke wenza umsebenzi wokudayiswa kwezigqila). Wayibeka ngalamagama: “Ngiyisoni esikhulu; uKhristu unguMsindisi omkhulu”
UMphostoli uPawuli wakubeka ngalamazwi: “UKhristu uJesu weza emhlabeni ukuzosindisa izoni, engingesikhulu mina kuzo.”
Engathi singange sithathe kancane isono, futhi engathi singekhohlwe injabulo yeqiniso yokuxolelwa kwezono!
Amahubo 130:4
Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.