UMphostoli uPawuli wayazi ukuthi uhambo loMkrestu lokuvuthwa aluzenzakaleli.

IVangeli liyasindisa ngempumelelo ngokungokwalo- asimbonge uNkulunkulu ngalokho ( umkhuleko wokubonga oyisibonelo kulokhu uzowuthola kwabaseKholose 1:3-8)

Kodwa uma sesiphendukile, siyayalwa ukuba sisebenze kanzima ukufinyelela ekuvuthweni ngokomoya kanjalo nokuphelela ngokomoya.

Eminye yemisebenzi ekumele senze kahle kakhulu kuyona kwezethu izimpilo kanye nezabanye, umsebenzi wokukhulekela ukuvuthwa ngokomoya. Lokhu kumele kube umkhuleko wethu ovamile uma sikhulekela abanye abazalwane. Eqinisweni, ukukhulekela ukukhula ngokomoya umkhuleko ongawukhulekela wonke umuntu onguMkrestu- ngisho nalaba izinkinga ababhekene nazo ongazazi wena.

AbaseKholose isahluko 1:9-14 yisibonelo somkhuleko wakho wokukhula noma ukuvuthwa ngokomoya. Funda kulesisahluko, bese uyakukhulekela lokhu ukuba kwenzeke kulowo oshade naye, umzali wakho, nabantwana bakho. Khulekela ukuba kwenzeke kubazalwane ebandleni- labo osondelene nabo nalabo ogcina ngokubabona.

Kungenzeka ukuba uPawuli akazange ahlangane nabazalwane abaningi baseKholose, kodwa lokho akumvimbelanga ukuthi abakhulekele umkhuleko omuhle. Funda kuye. Yenza abaseKholose isahluko 1:9-14 sibe esinye sezahluko ozithandayo.

Nkosi, ngigcwalise ngolwazi lwentando yakho kukho konke ukuhlakanipha kukamoya nokuqonda, ukuze ngizokwazi ukuhamba ngendlela efanele wena, ethokozisa wena ngokugcwele: ngithele izithelo kwimisebenzi yonke emihle futhi ngikhule olwazini lukaNkulunkulu; ngiqiniswa ngamandla onke, ngokwamandla enkazimulo yakho, ngokokuqinisela kukho konke nokubekezela ngokujabulo; ngibonga uYise, owangenza ngafaneleka ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni. Ungihlengile emandleni obumnyama wangingenisa embusweni weNdodana Yakhe ethandekayo, okukuyo nginokuhlengwa, ukuxolelwa kwezono.

Lomkhuleko uthathelwa kwabaseKholose 1:9-14