Ukuzwa ngendaba yomkhuleko owenziwa umndeni okholwayo kuletha izinto ezimbili kulabo abake baba yingxenye yomndeni okhulekayo. Kuletha intukuthelo noma injabulo. Kulabo abangakaze babe yingxenye yalomkhuleko ekukhuleni kwabo, futhi abangakaze bawubone ngisho wenziwa nakweminye imindeni, kubona ukuzwa ngawo kuletha imicabango eminingi ehlukene kodwa enokwesaba nokuzibuza ukuthi lokhu kwenziwa kanjani.
Yize uMbhalo ungasho kubazali ukuthi iyiphi indlela ekumele lomkhuleko wenziwe ngayo, kodwa lemikhuleko iwusizo olukhulu. Lokhu kubonakalile kumadoda nabesifazane abakholwayo besikhathi sakudala kanye nesamanje. Ukwenza lokhu enye yezindlela eziningi amakholwa angalingisa ngayo amakholwa asevuthiwe ekukholweni. (Funda ku-IDutheronomi 6 ukuze uzofunda indlela yokukhuluma kwansuku zonke ezizosiza ukuba ufundise abantwana bakho izindlela zikaNkulunkulu)
Kodwa ke uqala kuphi uma uzowenza lomkhuleko? Nantu uhlelo lokwenza lomkhuleko noma ngakube unomhlambi okusingethe emndenini wakho noma ungawedwana. Loluhlelo lusebenza kangcono uma uzoluhlela ngezigaba ezithile, ngakube usuku nosuku, noma iviki neviki, noma inyanga nenyanga.Lokhu kuhlela ngalendlela kuyawusebenzela nomndeni ovakashile ukuzodla isidlo sasebusuku (noma esasekuseni) noma kungabe abantu ojwayelene nabo abazokubona. Bameme ukuba bahlanganyele nawe kumkhuleko womndeni wakho. Loluhlelo akusho ukuthi ngeke lwaphazamiseka kodwa akusiyo inkinga uma lweqekile usuku ngenxa yesizathu esithize. Kodwa okubalulekile ukubuyela kulo.
Njengemindeni ekhonza e-Living Hope Bible Church, hlanganyela nathi kulokhu, futhi engathi kungasilungiselela sonke ukuthi ezintweni zonke sikhulume ngoNkulunkulu njengalokhu kuyalwa ku-IDutheronomi 6.
Nayi indlela yokwenza:
- KHULEKELA umusa wokuthi ukwazi ukuqonda IZwi enilifundile, nokuthi nisizakale ekukhumbuleni izinto ezintsha enizifundile.
- HLABELELANI ndawonye amaculo Amakrestu. Hlela ukufundisa umusho owodwa ngeviki weculo loBukrestu elijwayelekile. Qala kuleliviki, funda ikhorasi novesi 1 weculo i-The Apostle’s Creed eculwa ngumndeni wakwa-Getty’s (lidlale ku-YouTube uma ungakwazi ukudlala izinsimbi zomculo noma ungaphiwe kahle ekuculeni). Sebenzisa Icilongo leVangeli, Amagama okuhlabelela noma ezinye izincwadi zamaculo ukukhetha amaculo anesifundiso esihle seZwi, nifunde ndawonye ukuwacula.
- FUNDA isiqeshana eZwini likaNkulunkulu (gxila kwizincwadi ezisitshela umlando ngalokho okwenzeka lapho uNkulunkulu evezwa khona ngokucacile. Kunomndeni osebenzisa iBhayibheli elihlelelwe ukufundwa yizingane, eligcwele izindaba zeBhayibheli ezenzeka emandulo., omunye umndeni ufunda incwadi kaMakhu isahluko esisodwa ngosuku). Zifundise ukufunda kahle, uveze nemizwa nomsoco kube engathi ubuxoxa ezinye zezindantshana ozithandayo. Landelisa okufundiwe ngemibuzo, owodwa noma emibili, ibhekiswe kubona bonke abahlanganyela ngokwezinga lomqondo wabo.
- Akubekhona ivesi eniligcina ngomqondo nikwazi ukulisho ningalifundi phansi. Ungasebenzisa amavesi eniwafundayo eBandleni, noma caphuna isiqeshana sendaba, nifunde ivesi ngalinye ngesikhathi kuze kube sekupheleni kwenyanga noma ezimbili, lokhu kuyokwenza ukuthi ngamunye wenu abe esebambe amavesi a-4 noma ayi-8.
Amathiphu
- Khetha isikhathi esifanayo zinsuku zonke zomkhuleko womndeni ( uma nidla ekuseni, noma ngemuva kwesidlo sasebusuku, mhlawumbe nisondeze isikhathi sokudla nesokugeza, bese nikhuleka ngaphambi kokuya kolala)
- Qaphelisisa ukuthi nonke nihlale phansi nigxilile ngalesisikhathi. Vumela ukuba kubekhona imizuzwana nisahlangana wonke umuntu esazama ukuyeka akwenzayo azohlala phansi.
- Kubone lokhu njengesikhathi lapho nawe uzofunda khona nesokuthi ukhule. Yazi ukuthi umkhuleko umelwe ukuba inkulumo evela enhlizweni, nesiqeshana enisifundayo kumele kube indatshana ewumlando emuvezayo uNkulunkulu Engumlawuli wezinto zonke, nokuthi ukugcina amavesi ngomqondo kumele kube wusizo kakhulu ukudlula ukwazi izibalo zekhanda!
- Sebenzisa izimfundiso zezenkolo ezifingqiwe ezitholakala kwi-website yase Living Hope Bible Church masonto onke ukukwazi ukuhlela ukuthi yikuphi okulandelayo ongakwenza, nokufunda indlela yokuchaza umqondo weculo elithile noma ivesi.
- Xhumana nabanye abazali abakwenzayo lokhu, nabaholi ebandleni uma uhlangabezana nombuzo noma umqondo othile obanayo ukuthi udinga usizo ngawo.
- Khulekela ukuba uNkulunkulu asebenzise lezizikhathi ukuba Azazise Yena kubantwana bethu ukuze uba beficwa yisikhathi sokuthobisa izinhlizyo zabo phambi kukaNkulunkulu baphenduke nasezonweni zabo, ukuthi babe sebefundisekile kahle ngezindlela Zakhe zomusa nezinhle azisebenzisayo ukuphatha abantu Bakhe.