Incwadi yeZaga ukuhlakanipha ikulinganisa nokwesaba uSimakade ( IZaga 9:10-11; 14:26-27; 28:14; 23:17). Ngaphambi kokuba nakho konke ukuhlakanipha kwizinto zonke ezithinta impilo, indoda noma owesifazane ofisa ukuhlakanipha udinga kuqala abenokuhlakanipha kubudlelwano bakhe noSimakade.
Okokuqala nje, lokhu kuphumeleliswa ngokuthi uhambe kwizindlela zikaNkulunkulu (IZaga 10:29; 16:7). Ngokusobala lokhu kuchaza ukuthi ube ngolalelayo kwindlela ophila ngayo.
Okwesibili, indlela enobuhlakani yokuba nobudlelwano noSimakade, ukuthi umethembe (Izaga 3:5-6).
Okwesithathu, akusiyo imfihlo ukuthi ukuba nokuhlakanipha kuSimakade kubala nokuhlonipha lokho Akushoyo. Labo abangabahlakaniphile maqondana noNkulunkulu yilabo abaliphatha ngokucophelela nokulihlonipha IZwi likaNkulunkulu (IZaga 16:20; 19:16; 30:5).
Okokugcina, indlela ehlakaniphile yokusondela kuSimakade ukusondela ngokuphenduka ezonweni zakho ngokushesha ngasosonke isikhathi (IZaga 28:13).
Lokhu amazwibela nje aphathelene nokuba nokuhlakanipha kwindlela osondela ngayo kuSimakade.
Ukuyibeka lenkulumo ngenye indlela, singayibeka kanje, abantu abahlakaniphile abaphili sengathi uNkulunkulu akekho, abakuthathi kancane ukungalaleli uNkulunkulu, akukho lapho abathembele khona kuphela ukuthembela kuNkulunkulu, futhi abakuzibi noma bakushaye indiva ukwakha isikhathi sokufunda iBhayibheli.
Ngakube uhlakaniphile noma uyisiwula kwindlela osondela ngayo kuNkulunkulu?