uAdam noEva badalwa bengenaso isono. Ukwelulekwa ababekudinga kuNkulunkulu kwakumayelana nokuthobela imiyalelo elungile kaNkulunkulu ( eyayimayelana nokuthi imuphi umsebenzi okumele wenziwe, yikuphi okumele kudliwe nokungamele kudliwe, kanye nomshado). Ngoba badalwa bengenaso isono, akudingekanga ukuba uNkulunkulu abaluleke ngokuthi babhekane kanjani nesono. Ukube bayilalela imiyalelo esobala ababe nikezelwe yona kungabe abazange benza isono. Ngesikhathi belingwa, uAdam noEva benza isinqumo ngomqondo ophelele kodwa ongaveli ekwazini nasekuthandeni isono. Kodwa abakwenza bakwenza behlosile. Benqa umthetho kaNkulunkulu. Ngakho ngesikhathi benquma ukona, uNkulunkulu wabahlulela.
Kodwa izinto zaqala zahluka kwisizukulwane sabantu esilandelayo. uKhayini nabobonke ababezobakhona bazalelwa esonweni. Ngesikhathi belingwa, manje abantu basebenomuzwa osuka ngaphakathi wokusithanda qobo isono, bese ngomfutho balandelele isilingo bese beyona ngaphandle kokuthandabuza. UNkulunkulu, ngobuhle Bakhe obukhulu, wabe esengenelela. KuAdama noEva, uNkulunkulu wanikezela imiyalelo, wamukula ukukhonza kwabakholekile, wahlulela ungungalaleli. Kodwa kuKhayini noAbela, nawo wonke umuntu kusukela ngalesosikhathi, uNkulunkulu akagcinanga ngokunikezela imiyalelo, ukwamukela ukukhonza kwabakholekile, nokwahlulela ukungalaleli kodwa wayesenikezela nezeluleko. Ngaphambi kokuba umuntu aqhubekele kukho ukungalaleli, uNkulunkulu wayesengenelela ngalokho esikubiza namhlanje ngokuthi Ukululekwa NgokweBhayibheli.
uGenesisi isahluko sesi-4 sithola lapho Ukululekwa NgokweBhayibheli kokuqala ngqa. Kulapho kulethwa izwi likaNkulunkulu, masinyane nje ngaphambi kokuwela esonweni, ukuba lizohlenga isoni ngomzuzu wokufika kwesilingo. Lokhu kwenzelwa ukuzama ukukunqanda ukuba ungaweli esonweni. Imigomo ekuGenesisi we-4 isamile nakomunye nomunye wethu namhlanje.
- UNkulunkulu wazi kahle kamhlophe ngezilingo esibhekane nazo. UNkulunkulu uyasazi isimo sethu sokukhonza, indlela esicabanga ngayo kanye nemizwa yethu. (Genesisi 4:3-6 nakumaHebheru 4:15)
- UNkulunkulu uyasigqugquzela ukuba sihlole ukwenza kwethu nokucabanga kwethu, sikwazi nokubona inhloso yenhliziyo yethu kwizenzo zethu zonke. (Genesisi 4:6 naku ekaJakobe 4:1)
- UNkulunkulu uyasikhumbuza ukulunga okusobala esingakukhetha okukhona kuzona zonke izilingo. (Genesisi 4:7a nakuMahubo 23:3)
- UNkulunkulu uyasixwayisa ngemiphumela yesono ebhubhisayo. (Genesisi 4:7b naku-AmaHubo 19:11a)
- UNkulunkulu uyasikhuthaza ukuba sinqobe (Genesisi 4:7c naku-KwabaseRoma 12:21)
Selokhu kwangena isono kuGenesisi isahluko sesi-3, uNkulunkulu akasanikezeli ngemithetho kuphela bese ajezise ukungalaleli, kodwa wengeze igxathu lokunikezela ukwalulekwa ukuze sikwazi ukubuya ebubini bese siyamukeleka. Kodwa, uma, njengoKhayini, siqhubeka singathintwa yiZwi likaNkulunkulu, lapho ke ukwahlulelwa kuzoza ngokuphazima kweso njengaku Adam noEva.
Ubufakazi bakho buyintokozo yami, bungumeluleki wami.
AmaHubo 119:24