Kwesinye isikhathi ukufunda iBhayibheli kithina kuzwakala engathi yinto engajwayelekile ngenxa yendlela engajwayelekile elabhalwa ngayo. Lalibhalelwe abantu asebadlula, ababephila ngesikhathi esesadlula. Kodwa, ngethiphu esobala yokulifunda, okuningi kwalokho kunganqobeka kalula. Abashicileli beBhayibheli balisebenzisile lelicebo iminyaka eminingi, abanye balicacisise ngokushaya khona okusezingeni eliphezulu, abanye balicacise ngokusezingeni elithe ukwehla. Nawe ungakwenza lokho.

Lethiphu yokufunda iBhayibheli ilele kulengxenye engaveli kuNkulunkulu, okuyizihloko zezigaba nezahluko kwiBhayibheli lakho. Nayi insalelo ebheke kuwe: “Zibhalele okwakho!”. Uma ufunda amavesi athile owezwayo ukuba ahamba ndawonye ngokomqondo wawo, bhala isihloko sawo esiyincazelo yokuba athini lamavesi. Ziningi izindlela zokukwenza lokhu. Ungabhala izihloko ngokufingqiwe ezinika ingqikithi yawo lamavesi, noma ezinika ukugcizelela walokho okumele kwenziwe, noma ezikunika indlela yokukhumbula lokho okufundile.

Nasi isibonelo kwincwadi yoMshumayeli 3:1-22. Lezizihloko zazibhalelwe ukunikezela umqondo wokuhamba kwenkulumo bese zithi fahla ngokumelwe kwenziwe ngasekugcineni. Yenza lesisahluko singavuseleli ingqondo yakho kuphela, kodwa lesisibonelo engathi singakusiza esikhathini esizayo sokufunda kwakho iBhayibheli.

INKONDLO ENGAMI

ISIHLOKO (V1)
Konke kunesikhathi sakho, yonke indaba inomzuzu wayo, phansi komthunzi welanga:

THE LINES (vv. 2-8)
Kukhona isikhathi sokuzalwa

nesikhathi sokufa;

isikhathi sokutshala,

nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo;

isikhathi sokubulala, nesikhathi sokuphilisa;

isikhathi sokubhidliza, nesikhathi sokwakha;

isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka;

isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;

isikhathi sokusakaza amatshe, nesikhathi sokuwaqoqa;

isikhathi sokugona, nesikhathi sokuchiliza;

isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa;

isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;

isikhathi sokudabula, nesikhathi sokuthunga;

isikhathi sokuthula, nesikhathi sokukhuluma;

isikhathi sokuthanda, nesikhathi sokuzonda;

isikhathi sokulwa, nesikhathi sokuthula.

INCAZELO (Umzuliswano woku-1)
Umbuzo nempendulo kwabantu (vv 9-10)

Uzuzani osebenzayo ngomshikashika wakhe na?Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo.

Incazelo nomqondo kwaphezulu (v11)
Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.

Okumele abantu bakwenze (vv 12-13)
Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo kunokuthokoza nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila,futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.

INCAZELO ( Umzuliswano we-2)
Umqondo waphezulu (vv 14-15)
Ngiyazi ukuthi noma yini uNkulunkulu ayenzayo imi kuze kube phakade; akukho okungenezelwa kuyo, nokungasuswa kuyo; uNkulunkulu lokhu ukwenzele ukuba abantu bamesabe.Lokhu okukhona, sekwake kwaba khona, nalokho okusazoba khona, sekuvele kukhona. UNkulunkulu uyakufuna osekwake kwenzeka.

Ukucwaninga isigameko (vv 16-17): Ezepolitiki
Phezu kwalokho ngabona ukuthi phansi komthunzi welanga, esikhundleni sobulungiswa, kunenkohlakalo; esikhundleni sobuqotho, kunobubi. Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uzobehlulela abaqotho nezikhohlakali, ngokuba yonke indaba nomsebenzi kubekelwe isikhathi sakho.”

Ukucwaniga isigameko: Ukufa (vv 18-21)
Ngathi enhliziyweni yami: “Maqondana nabantu, uNkulunkulu uyabavivinya ukuze bazibonele ukuthi banjengezilwane. Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize. Konke kuya endaweni eyodwa; konke kuvela othulini, konke kubuyela othulini. Ngubani owaziyo ukuthi umoya womuntu uyenyuka kuthi owesilwane wehlele emhlabeni na?”

Okumele abantu bakwenze (v22)
Ngakho-ke ngabona ukuthi akukho okungcono kunokuba umuntu athokoze ngomsebenzi wakhe, ngokuba lokho kuyisabelo sakhe; ngubani ongamenza abone okuyakwenzeka nxa esefile na?