Everday Evangelism
Kumele ube nezingxoxo zikamoya nalabo abangakholwa. Lokhu, ngendlela esobala, ukuvangela
Ukuvangela akudingi iziqu zeMaster’s degree kwizifundo zeBhayibheli noma ukulazi ngekhanda iBhayibheli ngendlela ephambili; khuluma nje ngokusobala ngezinto zikamoya kwizingxoxo zakho zansuku zonke.
Ake ucabange ngoPhethro benoJohane, abaPhostoli abakhulu, ukuvangela kwabo indoda eyayingakwazi ukuhamba kwaba yinto eyenzeka ngalesosikhathi bengakuhlelelanga, inkulumo yasuka ngemali yahamba yagcina isifinyelele ekubeni ngamandla kaNkulunkulu (IZenzo 3:2-8). Noma bheka uFiliphu, owayengazange akulungiselele ukubhekana nokushintsha shintsha kwezimo noSimoni isanusi. Ngokukhomba enhlizweni nje, engathatheki ngenxa yezimo ezimangalisayo, wakwazi ukukhombisa uSimoni ukuthi uyalidinga Ivangeli (IZenzo 8:20-23). Indaba okuyiyona engezinye engizithandayo ekaKhorneliyu owamema abangani nomakhelwane kwisifundo seBhayibheli sasekhaya okwakuzoba khona kuso isikhulumi esasivela kude. Kwesinye isikhathi ukuba nomoya wokungenisa izihambi yiyona indlela eyisiqalo somhlangano wokuvangela odumile (IZenzo 10:33). Kanjani ngomoya wobukrestu wokuthokoza eNkosini yize ubhekene nobunzima? Lapho usejele, Cula!, kungenzeka ubeyithuluzi lokuguqula isitha sakho sibe ngumzalwane (IZenzo 16:25-34).
Ziningi ezinye izigameko ezifuze lezi ezitholaka kwincwadi yeZenzo. Akumangazi ukuthi kungani ibandla lakhula kangaka kuleya minyaka yasekuqaleni!
Uma ufisa izwe lazi uJesu, omunye nomunye wethu kuzodingeka ukuthi aqale atshele izwe ngoJesu. Yidumise iNkosi esidlangalaleni ngenxa yobuhle Bayo ebukhombisile kuwe. Siza izoni zibone izono zazo njengayo inkinga enkulu ezibhekene nayo. Sebenzisa ikhaya lakho nezinto onazo ngendlela ezokwenza abantu babesethubeni lokuzwa umyalezo weVangeli. Sebenzisa izingqinamba zakho ukwabelana ngomyalezo kaNkulunkulu wensindiso.
Nanoma ngabe yini oyenzayo, kwenzele udumo lukaNkulunkulu (1 KwabaseKhorinte 10:31).
Yiba nomkhuba wokukhuluma ngomsebenzi kaNkulunkulu empilweni yakho, hhayi ngendlela eyihaba, yokubukisa, evusa umunyu, kodwa makube yindlela ejulile, eyiqiniso enenhloso.