“Hambani ngoMoya” – lona ngumyalelo ekukhulunywe ngawo kwabase Galathiya. Umphumela? Mina nawe ngeke siziyekelele ukuba singene kwizilingo zenyama. Lona ngumsebenzi nomvuzo wethu obekiwe kulonyaka. Isiqephu soMbhalo esiqala ngo “hambani ngoMoya” siphetha kwabaseGalathiya 5:25-26 ngo “masenze futhi okuhambisana noMoya”. Umsebenzi nomvuzo wokuphila ngoMoya wenziwa futhi uthokozelwe ngokuthatha ingxathu elilodwa ngesikhathi.
Okubekwe kahle ndawonye phakathi nendawo kwalemithetho yokuphila ngoMoya, uMoya kaNkulunkulu Nguye owambula imininingwane yokuphila ngoMoya.
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa, ubumnene, nokuzithiba.
kwabaseGalathiya 5:22-23 (IsiZulu 2020)
Uma uvuka njalo ekuseni bosuku obuphiwe nguNkulunkulu kulo nyaka, vula lama vesi, uwafunde, bese uthola izindlela kulolosuku zoku “hambisana noMoya”
- Ngingalukhombisa kanjani uthando kubantu engizohlangabezana nabo namhlanje? (1 kwabaseKhorinte 13:4-7 ukuthola amacebo athize)
- Ngakube ngizothokoza ngokubonga ngezibusiso eziningi zikaNkulunkulu, noma ngizokhononda futhi ngikhalaze ngezinto engilindele ukuba zenzeke ngokomhobholo wami?
- Yiziphi izinto ezihamba phambili ezintathu ezizongibangela ukukhathazeka okukhulu namhlanje, futhi yiliphi iqiniso ngoNkulunkulu elizongilethela ukuthula?
- Yiziphi izimo ezingenzeka namhlanje ezingangidina, ngakube ngiyafisa yini ukuba nokuzibekelela uma senzeka?
- Ubani ozokwamukela ububele kimina namhlanje?
- ngakube kukhona yini ukungcola okukhona kimi okudinga ukuthi endaweni yako kufakwe ukulunga kukamoya?
- UNkulunkulu uthembekile ngisho kungaba kanjani; ngakube kukhona imisebenzi engizibophezele kuyo edinga ukuba ngithembeke ( izibopho zomshado, izibopho zobulunga ebandleni, izithembiso engizenze ngomlomo, kanjalo)?
- Isiphi isimo namhlanje esidinga ukuba ngibe nobumnene, ngithi ukwehlisa ukuzivikela, ngehlise ukufuna ukubonakala ukuba ngiqinisile,ngingabi nempakamo; uMoya uyavuma, ngakube mina ngiyavuma na?
- Yini engingathi kuyo “Cha” namhlanje ukuze kungifakazele ukuthi mina ngiyakwazi ukuzithiba, nokuthiba imizwa yami?
UMoya Oyingcwele kaNkulunkulu uzokwenza ngokudlulelele ukukhiqiza lezizinto empilweni yakho. Ungasaleli emuva ngenxa yemizwa yakho. Hambisana noMoya.