Ukunikela ngemali kumsebenzi wombuso kaNkulunkulu yinto eveza ngokuhlukile abazalwane ngisho kungathiwa baswele noma bacebile kuwona wonke umlando womhlaba. Akusiwo wonke amakholwa anikela ngenani elilinganayo, kodwa wonke anikele ngomqondo ofanayo.
Ku 2 kwabaseKhorinte 8:2 sifunda ngokunikela kwaMakrestu aseMakhedoniya okwakuchichima ukuphana, futhi ngokuka 2 Khorinte 8:7 Amakrestu aseKhorinte ayegqugquzelwa ukuthi anikele ngokuvelele.
Ukuvelela yigama elinothile ukuchaza ukunikela kwaMakrestu kumsebenzi wenkonzo.
Umqondo wokuvelela wokuqala wokunikela ngobunkulunkulu ukunikela ngokuphana.
Kwenzeka kanjani ukuthi, amakholwa aswele aseMakhedoniya, namakholwa acebile aseKhorinte, singasayiphathi eyabazalwane umsebenzi wabo kwakungukwabela amabandla izimali, kwenzeka kanjani ukuthi bonke babekwazi ukunikela ngokuphana ngalendlela? Igama elisinikezela ubuhlakani maqondana nalokhu litholakala kwiZaga 13:7 “Kukhona ozishaya inkinsela kodwa engenalutho,nozishaya ompofu ebe ecebe kakhulu.” Uma uphila ngaphansana kwalokho okuyingeniso, ukuphana kuba yinto elula, futhi ukunikela uma kuvela isidingo akuyino into enzima.
Umqondo wokuvelela wesibili wokunikela ngobunkulunkulu ukunikela ngokubeka phambili isidingo somunye.
KwiZenzo 20:35 uPawuli uthathisela amazwi kaJesu owathi “kubusisiwe kakhulu ukunikela kunokwamukela”, ngakho kulabo amanokuqonda okuhle ngokunikela okuza ngolwazi lweBhayibheli, ukunikela kona qobo kuyisibusiso, akube kusaba khona esinye isibusiso esilangazelelwayo emva kwalokho. 2 KwabaseKhorinte 8:5 bathi amakholwa aseMakhedoniya awanikelanga kuphela ngemali, kodwa ngoqobo lwawo- kuqala kuNkulunkulu, kanjalo nakumsebenzi wabazalwane ababehambela amabandla. 2 Khrointe 9:5 bakhuluma ngokunikela ngokomqondo wokuthi isipho ngokufisa ukwenza kona lokho, hhayi ngendlela eveza ukuphoqelelwa ukukwenza noma isenzo sokunikela ngoba uzifisela okuthile. Nikela ngokwesidingo somunye, musa ukuziqongelelela okuningi ngokomhobholo njengesiwula esasinothile kwindaba eyafundiswa nguJesu.
Umqondo wokuvelela wesithathu wokunikela ngobunkulunkulu ukunikela ngokuzimisela– nikela ngokwesinqumo
Unyaka wonke ngaphambi kokuba kubekhona isidingo esithile, amakholwa aseKhorinte ayesevele ethathile isinqumo sokunikela. Ayehlezi ekulungele ngasosonke isikhathi ukunikela- ngisho isidingo singekho; lapho kuvela isidingo, yilaphoke la ababe sebenikela lokho akade vele sebelungele ukukunikela. 2 kwabaseKhorinte 9:1-5 kukhulunywa kaningana ngokulungiselela, kanjalo izikhathi eziningana futhi kukhulunywa ngomqondo wokukhuthazela kusetshenziswa amagama afana no “intshiseko”, “ugqozi”, “gqugquzele”. Abanobunkulunkulu bayazi ukuthi isinqumo sokuhlezi unikela, sifika kuqala kunethuba lokunikela. NIkela ngokwesinqumo osithathe isidingo singakabi khona.
Indlela yesine, yokuba nomqondo wokuvelela wokunikela ngobunkulunkulu ukunikela okunengqondo.
Nikela ngengqondo evulekile. Unganikeli ngenxa yokulahlwa unembeza ngokungafanelekile. NgokweBhayibheli akulungile ukuthi abazalwane abahambisa ivangeli ezindaweni ngezindawo ababhekene nokweswela ukuthi balokhu belandelana nalabo abacebile abanesandla esifinyeziwe ngokubakhombisa izithombe zezindawo zamazwe akude. Khombisa ukuba nomqondo ovulekile onolwazi lweBhayibheli- nikela ngengqondo evulekile. 2 KwabaseKhorinte 8:13-15 uPawuli utshela amakholwa aseKhorinte ukuthi ukunikela makube yindaba yokuthi kubekhona ukulingana. Njengoba wona ayenokuningi ngalesosikhathi mawabe nalomqondo uma enikela kwibandla laseJerusalema elalintula ngakwezezimali. Kuyindaba yokuthi kubekhona ukulingana ukuthi Amakrestu acebile anikele ukuba kusizakale Amakrestu ayentula kakhulu. Nikela ngengqondo evulekile.
Okokugcina, umqondo wokuvelela wesihlanu wokunikela ngobunkulunkulu ukunikela ngentokozo.
2 KwabaseKhorinte 9:6-7 “Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.” Ukunikela kanye nentokozo kunobudlelwano obungajwayelekile. Akekho umuntu obalusizi njengoNgoqo uma kufanele ahlukane nemali, akekho umuntu onentokozo enkulu njengalowo onikela ngentokozo. Ukunikela okungenayo intokozo kukuncisha enye intokozo ongahlangabezana nayo; Ukunikela okugcwele intokozo kwenza kube khona enye intokozo enkulu kuwena. Udinga nje ukugqugquzelwa kancane ukuze uzoqala ukunikela ngendlela elungile. NIkela ngentokozo.
Lena indlela efingqiwe esinkezela umqondo ngezindlela zokuvelela ezinhlanu zokunikela ngobunkulunkulu.