Elinye lamaHubo eliphindaphinda amazwi ngokungajwayelekile IHubo 136. Lesisahluko sinamavesi angama-26, ivesi ngalinye liphetha ngeqoqwana lamagama afana ncamashi: “ngokuba umusa wakhe umi phakade”

“Umusa wakhe” I “gesed” ( yilona igama lesiHebheru), igama elibalulekile kakhulu, incazelo yalo ibhekise kwizincazelo ezinkulu ezihlanganiswe ndawonye okungukuthembeka bokwenza izithembiso uzifeze no thando, olukhulu kakhulu, olufakazeleka ngezenzo. Ngakho lihumushwa ngokuthi “steadfast love” ngesisiNgisi kwihumusho le-ESV, “umusa wakhe” kwisiZulu 2020.

Lapho ufunda lonke iHubo 136 uyabona masinyane ukuthi lokhukuphindaphinda kwalamazwi kwivesi nevesi akusikho ukugajwa yimizwa, kodwa kunalokho ngamazwi afanelena kahle kakhulu nalokho ingxenye yokuqala yevesi nevesi ekushoyo. Uma ubungafunda kuphela ingxenye yokuqala yevesi ngalinye, uzothola ukuxoxwa komlando ngendlela enhle nguye uMvumi oHubayo. Uqala ngobukhulu bukaNkulunkulu (amavesi 1-4), Ukudalwa (amavesi 5-9), I-Eksodusi (amavesi 10-16), ukunqotshwa kwezizwe Ezweni leSithembiso (amavesi 17-22), bese iphetha ngezigameko ezazenzeka ngesikhathi sakhe uMvumi weHubo (amavesi 23-25). Okuyiyona nhloso ehamba phambili ngesifundo salomlando ukubonga uNkulunkulu (ivesi 26) ngayo yonke into evela kubuNkulunkulu Bakhe (vesi 2), kuya ekunikezeleni ukudla ngazikhathi zonke (vesi 25).

Lapho ucabanga ngomunye unyaka osudlulile, yenza isikhathi ukulungiselela ukubuyekeza konke okwenzekile kuwo ngendlela uMvumi weHubo enza ngayo.