Baba wami osezulwini, ngokunikezela umkami, ungikhombise umusa omkhulu (IZaga 18:22) ngaphezu kwefa ubaba wami wasemhlabeni abenganginikezela lona (IZaga 19:14). Impela uyingcebo eyigugu elikhulu kakhulu enginalo (IZAga 31:10).

Ngiyakubonga ngokumbumba abe ngowesifazane engingaphila naye impilo yami (Genesisi 2:18) nengingakwazi ukuthembela kuye kuzona zonke izimo zempilo (IZaga 31:11). Nguwe ngokweqiniso engidinga ukubonga Kuye ngezinto ezingi ezinhle engizitholayo kuye ( IZaga 31:12).

Ngiyakubonga ngokusebenza kwakhe kanzima ngobuqotho ( IZaga 31:13-19) nenhliziyo enozwelo ( IZaga 31:20). Ngiyakubonga ngokuthi uyabanakekela abantwana bethu (IZaga 31:21), uyazinakekela naye (IZaga 31:22), nangokuthi ungumphumela womthelela enginawo nakwabanye ( IZaga 31:23).

Kuyona yonke imisebenzi yakhe yansuku zonke, menze aphumelele (IZaga 31:24)abenokuzethemba ngentokozo (31:25). Kwizingxoxo zakhe zansuku zonke, kungathi angakhombisa ngobufakazi ukuhlakanipha okukhulu nobubele (IZaga 31:26). Ngiyakubonga ukuthi kuzona zonke iziphiwo zakhe, uhlezi ebeka kuqala umndeni wakhe (IZaga 31:27).

Baba, ngicela umenzele injabulo enkulu yokucatshangwa okusezingeni eliphezulu ngabantwana bethu, ngicela nami ungisize ngikhombise ukubonga kuye ngezindlela ezisobala (IZaga 31:28). Kungathi angaziswa ngaphezu kwabo bonke abesifazane abasezingeni eliphezulu besikhathi sethu (IZaga 31:29), kungesikho okobuhle bakhe ngokusobala kuphela, kodwa nangenxa yokukholwa kwakhe Kuwe (IZaga 31:30). Kwisikhathi sonke sokuphila kwakhe, noma kuzekube sekubuyeni kweNdodana yakho, engathi umsebenzi wakhe awenzayo kulomhlaba ungafakazela kubo bonke ukuhlonishwa okufanele kunikezelwe owesifazane owesaba uNkulunkulu (IZaga 31:31).

Amen