Kumlando osabala oqoshiwe kaGenesisi isahluko sokuqala kunemayini yokuqonda okunzulu kwezolwazi ngoNkulunkulu nemisebenzi Yakhe. Kulesahluko sibona ukuxhumana phakathi kokuba Yilowo Okhuluma izinto besezibakhona bese Aphinde ayalele zona lezozinto esezikhona ukuba ziphile kanjani. Lokhu kuvele ngokusobala osukuwini Lwesihlanu noLwesithupha.

NgoSuku 5:
KuGenesisi 1:20 uNkulunkulu uphimisa lamazwi “”Makugcwale…” ekhombisa inhloso Yakhe yokudala

KuGenesisi 1:21 Ukuphimisa kukaNkulunkulu kuholela ekutheni kubekhona izinhlobobonhlobo zezilwane zasolwandle nezindizayo emkhathini.(sky)
KuGenesisi 1:22 UNkulunkulu ubusisa lendalo entsha ngomyalo wokuba idlondlobale.

NgoSuku lesi-6 UNkulunkulu udala izilwane ezihamba phezu komhlaba (dry land), kodwa yilapho esedala khona owesilisa nowesifazane , lapho sibona khona futhi lokhukuxhumana kokuba uMdali Aphinde Abe Yilowo Obeka umthetho wokusebenza kwezinto.

KuGenesisi 1:26 UNkulunkulu uphimisa amazwi athi “Masenze…” ekhombisa inhloso Yakhe yokudala abantu, kanjalo Aphinde athi “basifuze, babuse…” ekhombisa izinga labo uma kuqhathaniswa nenye indalo.
KuGenesisi 1:27 Ukuphimisa kukaNkulunkulu kuholela kukho ukudalwa komuntu wesilisa nowesifazane, kodwa maqondana nendawo yabo uma beqhathaniswa nenye indalo, lelivesi livele lihaye inkondlo okulenza ligqame.

KuGenesisi 1:28-30 UNkulunkulu Uyaphinda ubusisa indalo entsha ngomyalelo wokudlondlobala.

Njengoba mina nawe siqhubeka siphila usuku nosuku emhlabeni kaNkulunkulu, masikhumbule ukuthi Nguye osenzile, singaBakhe, nokuthi imiyalelo Yakhe ingukhiye wokudlondlobala kwalokho Asizungeza ngakho nxazonke usuku nosuku.