Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena

ngokukaMathewu 22:39

Kuwo uMbhalo igama elithi umngani negama elithi umakhelwane yigama elilodwa. IZaga zisinikezela ubuhlakani obujulile bokuthi uhlukanisa kanjani phakathi kokuhle nokubi uma kuziwa kubangani onabo.

Nazi izimpawu eziyizinkomba zomngani obhedayo. Uma uzothanda ukuhlakanipha kukaNkulunkulu , ungabakhi ubungani ngalendlela; futhi ungabi iloluhlobo lomngani.

Umngani obhedayo yilowo okugqugquzela ukuthi ube nendima oyidlalayo kwizenzo ezigcwele ukona bese wenza izaba zokuzilandulela

Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.

Izaga 1:10

Umuntu oyisidlova uyenga umakhelwane wakhe, amholele endleleni embi.

Izaga 16:29

Umngani obhedayo yilowo othanda ukukuhlebela ngolwazi olungamahebezi akulethela ukuthi usole abanye, ubenezimfihlo kwabanye, akuhlakanise nabanye.

Umuntu owonakeleyo udala ingxabano, nexoki lehlukanisa abangani.

Izaga 16:28

Umngani obhedayo yilowo okwenza uzizwe kahle nalapho udinga khona ukuba unikezelwe isixwayiso esiphuthumayo

Umuntu oyenga umakhelwane wakhe wendlala Inetha ezinyaweni zakhe.

Izaga 16:28

Umngani obhedayo yilowo osekela ubungani ngalokho akuzuzayo yena kulobo bungani

Ingcebo ikwenza ube nabangani abaningi, kodwa ompofu ulahla nangabangani bakhe. Baningi abazincengela ezikhulwini, bonke bafuna ukuba ngumngani womuntu ophanayo.

Izaga 19:4,6

Uma singakubeka ngenye indlela, hlakanipha kwindlela okhetha ngayo abantu ochitha nabo isikhathi esiningi.

  1. Ungachithi isikhathi nalabo abakwenza ukhubeke ngokomoya
  2. Ungalaleli labo abathanda ukusho izinto ezimbi ngabanye
  3. Ungakholwa labo abasho izinto ezikujabulisayo kuphela ngawe
  4. Ungahlungi abangani bakho ngokwezinga lempumelelo abanayo