Indlela osekuyiyo evamile ileyo esesizakhele ngayo izinga lokuziphatha elivuna thina. Lokhu sikwenze ngokuthi sivume ubukhona besono, kodwa sanciphisa izinga lobubi besono. Sinciphisa ububi besono ngamagama ahloniphekile esiwasungulile ukubiza isono esithile.

UJerry Bridges wabona inhlekelele eyenzakalayo emphefumulweni womuntu uma Amakrestu amukela amagama anciphisa ukukhohlakala kwezono zabo. Kwincwadi yakhe enesihloko esithi ‘Izono Ezihloniphekile’ (Respectable Sins), ukhuluma ngezinto esezamukelekile emiphakathini esizenzayo esesikhohliwe ukuthi zibizwa “ngesono” kwiBhayibheli.

Uyayazi lendlela ekhohlakele esekukhulunywa ngayo:

  • akusesiwo amanga, amaphonsiso
  • akusikho ukuhluleka ukubekezela, ukucikeka
  • akusikho ukufisa into kamakhelwane, ukuba nephupho
  • akusikho ukuhluleka ukuziphatha, ukuphazamiseka emqondweni
  • akusiyona inhlebo, ukubhodla ukuze ngizodlulisa
  • akusiwona umona, ukuzithemba
  • Akusikona ukudakwa utshwala, ukuthanda utshwala
  • Akusibo ubufebe, ukujola
  • Akusikho ukuphinga, ukuphumela ngaphandle

Ayisekho into eyi-SONO! Yonke into isiyahloniphiswa.

Benza kahle abanye ababengama- Puritans ukuba babhale incwajana efana no “The sinfulness of Sin” (Ukukhohlakala kweSono)ukwenzela ukuba abakholwayo babenovalo bese bebuyela kwimfundiso yoBukrestu, okuthiwa, isono asilungile! Nasi esinye isihloko samaPuritans ekumele siphinde sisivuse: (“Evil of Evils or the Exceeding Sinfulness of Sin”)-“Ububi boBubi, noma Inkohlakalo Edlulele yeSono.” Yebo no “noma”uyingxenye yesihloko, ukwenzela ukuthi uzwisize kahle uma kwenzeka awuzwanga kahle okucaciswayo kwingxenye yokuqala yesihloko!

UJohane usilobela lamazwi kaNkulunkulu uma enza lezizigaba ezimbili ezihlukene zohlobo lwabantu:

Isigaba #1: Yilabo abazihlambululayo

Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kodwa akukabonakali esiyakuba yikho. Nokho siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo. Bonke abanalelo themba kuye, bayazihlambulula, njengokuba Yena ehlambulukile.

1 ekaJohane 3:2-3

Isigaba #2: Yilabo abaqhubekela ekwenzeni isono

Bonke abenza isono bayaweqa umthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho…..Owenza isono, ungokaSathane,

1 ekaJohane 3:4, 8

Masingaqhubekeli esonweni, kodwa masizihlambulule ngokuqhubekela ekulungeni.