Kunemithetho yemvelo echaza ubunjalo besimo somhlaba wethu esiphila kuwo, isibonelo ukuthi, izinto zihlezi ziqathaka nokuthi uma ziyekelwa kanjalo zingenziwa lutho, izinto zizohlezo zonakala zize zibe sesimweni esibhedayo.
Kunemithetho yempilo futhi , echaza ubunjalo besimo ukuthi impilo yomuntu isebenza kanjani. Isifinyezo ngevesi elilodwa sikwiZaga 28:13.
Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
Imithetho emibili yempilo:
- Fihla izono zakho, ngeke uze uphumele
- Vuma futhi uzishiye izono zakho, uzothola umusa
Akukho ukwenzelela kulokhu, nhlobo. Zonke izono, ngakube zisekusithekeni noma esidlangalaleni, sidonsa ukubhubha, kodwa ngokufanayo, zonke izono, ngakube zisekusithekeni noma esidlangalaleni, zithola umusa kaNkulunkulu lapho zivunywa zilahlwe.
Ukwazi yomibili lemithetho yempilo, ivesi elilandelayo kwiZaga linika ukuhlakanipha ukuthi ungaphila kanjani emhlabeni kwimpilo elawulwa yilemithetho yomubili. (IZaga 28:14.)
Ubusisiwe umuntu owesaba njalo, kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe
uyakuwela ebubini.
zimbili izindlela esingakhetha kuzo ukuphila impilo elawulwa imithetho yalokhu kuphila:
- Kholwa kuNkulunkulu ulalele imithetho Yakhe ngazikhathi zonke
- nokwenza lokho wena ofuna ukukwenza
Izibusiso zikhona kulabo abamesabayo kuNkulunkulu.