UMshado: indawo lapho kugcinwa khona injabulo

Marriage: A warehouse of happiness

Jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga, ngoba yisona sabelo sempilo yakho emshikashikeni wakho owushikashika phansi komthunzi welanga.

UMshumayeli 9:9

Impilo ngaphansi komthunzi welanga, ayihlezi ithokozisa, kodwa, ngemuva kosuku olude, ungaya ekhaya kumkakho, noma, kumyeni wakho. Ngemuva konyaka omude, ningashawa umoya nobabili niye kwiholide elimnandi.

Ngasekugcineni kweBhayibheli uNkulunkulu uyaphinda uyakusho lokhu kodwa ngenye indlela:

Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke,

KumaHebheru 13:4

Zigqaje ngomshado, yenza isiqiniseko ukuthi wonke umuntu uyazi ukuthi ushadile, nokuthi umshado iyona into enhle kakhulu esake yakwenzekela. Yenza abaphathi bakho bazi emsebenzini ukuthi umkakho uyena okugcono ukuba naye ngemuva kwamahora omsebenzi kunokuba nalabo osebenza nabo. Yenzani abazali benu bazi ukuthi uthando lwakho ngabo manje seludlulwa ukuzibophezela kwenu komunye nomunye. Yenza abantwana benu bazi ukuthi ngelinye ilanga kuzomele baphume ekhaya banishiye ukuze kuzoba yinina nobabili futhi.

Yinto lena ekuzomele uhlale uzikhumbuza yona njalo. Zonke izinkinga empilweni zakhiwe nguNkulunkulu ukunisondeza kakhulu komunye nomunye- ngakho ningavumeli izinto zezwe zakhe kube khona ukubanda phakathi kwenu. Zonke izibusiso empilweni zakhiwe nguNkulunkulu ukuba nizithokozele ndawonye- ngakho ungacindezelwa ukufuna “isikhathi sami ngedwa” bese unganaki “isikhathi sethu”.

Umshado wasungulwa nguNkulunkulu ukuba ube yingxenye yempilo yasemhlabeni ekumele ihlale izinzile kuze kufike ukufa- ngakho sebenza kanzima ukuba uhlale ukhona.

Miningi imigomo evela kuNkulunkulu ekwazi ukwenza umshado uhlonipheke ugcwale intokozo leyo uNkulunkulu ayisungulele umshado ukuba ubenayo. Umshado wasungulwa nguNkulunkulu ukuba kube ngowobungani obusendelene—ngakho omunye akabe ngoletha injabulo komunye. Njenganalokhu sibonile kuMshumayeli 9:9, impilo ngaphansi komthunzi welanga ngokuvamile iyize leze, ngakho thokoza nalowo oshade naye—lowo oshade naye uwumvuzo ovela kuNkulunkulu ekupheleni kosuku olunzima.

Futhi, hlakula wenzele ukuba kube khona ubungani obusondelene obunikhuthazayo—UNkulunkulu wenza ukuba umshado usebenze kahle ngaleyo Ndlela. Ngaphezulu kwalokho, uNkulunkulu wahlela ukuba umshado ukufundise ukuthanda kakhulu kunokufuna ukuthandwa, ukuba kube nguwe osebenzela omunye kunokufuna ukuba omunye asebenzele wena, ukunakekela ngaphezulu kokuba wena ufuna ukunakekelwa—ukuba ube isithombe ezingqondweni zethu salokho uJesu akwenza esiphambanweni enzela izoni ezifana nathi sonke, ngesikhathi lapho ekhombise ukusithanda ngaphezulu kokuba thina simuthandile, lapho Enikele ngokuphila Kwakhe ngenxa yethu ngaphezulu kokuba thina sikukhathalele ukunikela ukuphila kwethu Kuye, lapho Ebenendaba nesidingo sokuba kube khona ukuxolelwa kwezono ngaphezulu kokuba thina sibe nendaba nokumdumisa.

Kumele sizigade emishadweni yethu. Sizigade, hhayi ngezinga lomshado esizenzele lona kodwa sizigade ngalendlela uNkulunkulu ayenzele umshado ukuba ube yiyona. Ngaleyondlela umshado uzosebenza kahle kakhulu. Lapho ke umshado uzoba yindawo lapho kugcinwe khona injabulo kulomhlaba wempilo eyizeleze.

Scroll to Top