Ibandla, ngesikhathi lapho kuhlangene abazalwane, kufanele kube yisikhathi sokuphithizela.
Amakhrestu eRome akhombisa ngobufakazi ukuthi yini leyo Amakhrestu ayenzayo Ebandleni futhi eyenzela Ibandla. UPawuli wayengakaze abe seRome, kodwa wayehlangane nabanye abathile ababevela ebandleni eRome; nakhu ayenakho ukukusho kubona.
KwabaseRoma 16:1-2 oyisikhonzi sebandla...ngumsizi wabaningi
KwabaseRoma 16:3 izisebenzi kanye nami
KwabaseRoma 16:6 owanisebenzela kakhulu
KwabaseRoma 16:9 isisebenzi kanye nathi
KwabaseRoma 16:12 abasebenza nathi…owasebenza kakhulu
Amakhrestu eRome ayaziwa ngokusebenza kanzima ngowemisebenzi kamoya ababekhonzana ngayo omunye komunye. Kuyinto le eswelakele kakhulu Ebandleni laMakhrestu esikhathini sanamhlanje. Izizathu ezenza Amakhrestu eze ebandleni isikhathi esiningi zivame ukuba ngezokuzicabangela: ukuzwa abadlali bomculo bewudlala; ukuzokhuthazeka nokuzizwa bekumoya; ukuzozwa intshumayelo emnandi; ukuzothola umsoco wakomoya ukubalungisela iviki elizoqala babhekane nempilo yasemhlabeni . Eziningi zalezizinto ngokuqinisekile ziyingxenye yezibusiso zikamoya eziningi zokuba ebandleni elinempilo. Kodwa kuyavela kulokho okuphindaphindwayo kwabaseRoma 16, ukuthi Amakhrestu eRome ayenokunye okwengeziwe kuhlu lokuthi kungani beye kohlanganyela ebandleni; kubonakala engathti kusondele phezulu kakhulu kuloluhlu.
E-Rome Amakhrestu ayeya kohlanganyela ebandleni ngoba eyosebenza. Ngenye indlela Amakhrestu eRome ayeya esontweni ngendlela ecishe ifane naleyo yokuya emsebenzini. Emsebenzini abantu abenzi izinto ezifanayo, kodwa bonke basebenzela iphupho elilodwa—bonke bafika ngo-8, basebenze amahora ayisi-8 bese beya emakhaya ukuze baphinde babuye ngakusasa. Uma kudingeka, abanye bangena singakashayi isikhathi noma abanye bahlale kuze kudlule isikhathi. Kwesinye isikhathi uya emsebenzini ukuyabamba umhlangano othile noma uqedele iprojekthi ethe ukuhluka; kwezinye izikhathi uyashayela uye emsebenzini ungenaso isiqiniseko ukuthi uzofika wenzeni, kodwa unokwazi ukuthi kumele ube semsebenzini, futhi kuhlezi emsebenzini kukhona okumele ukuba kwenziwe. Amakhrestu aseRome ayeya esontweni ngalowomqondo.
Ebandleni kumele kube yindawo lapho kwehliwa kunyukwa khona, futhi Amakhrestu aseRome awazange ayigodle imizamo yokwenza ibandla libe yindawo ekusetshenzwa ngokuzikhandla kuyona, enempilo nomdlandla. Babeya esontweni ukuyizikhandlela omunye nomunye, futhi babenza kanjalo ngokuvelele. Laba abaqagulwe ngamagama kwisahluko se-16 kwakuwena Amakhrestu ngegama. Babe ngebona abantu nje abathi bayakholwa, kunalokho babephila ngendlela efanele ubizo lwabo
U_Charles Spurgeon ngesikhathi sakhe wayelangazelele izinga elifanayo lokuzikhandla kanzima ngomsebenzi kamoya phakathi kwezimpilo zabangcwele . Kwenye yezintshumayelo washo lokhu:
“Umuntu ovuma ukukholwa nje uyilunga eliyilunga nje ngegama, ilunga elilunga ngegama liyisikhubekiso. Alihlanganisi, alikhuleki, alisebenzi, alizweli imiphefumulo ubuhlungu,ayikho indima eliyidlalayo kumsebenzi waMakhrestu, kodwa liyazuza kuwona wonke amagunya ebandla. Ngakube kuhle yini lokhu na?”
[http://www.spurgeon.us/mind_and_heart/quotes/c3.htm 1916.461 ]
Ukubeka impendulo esobala, cha akukuhle. Akukuhle, kuphambene nemvelo, kubi, akuhambelani nokukholwa—kuphambene ngokuphelele nakho konke uNkulunkulu akwenzele lona! Ukuze ibandla libe ngeliphilile, wonke Amakhrestu akulona kumele asebenze ngawodwana, ngokuzithoba nangakuvelele. Ibandla elinabantu abathi bayakholwa ngomlomo abangenzi lutho yibandla elinofa—ezinye izingxenye zalo kungenzeka zisebenze ngokuvelele, kodwa njengonyawo olunokukhubazeka, lelunga elingenzi lutho ligobisa wonke umzimba ube umzimba oxhungelayo.
Usuku lwangeSonto luyeza. Ngakube uzoya eBandleni ukuyosebenza na?
