The role of Church in the life of an uncoverted child Uke ucabange ngomsebenzi iBandla eliwenzayo empilweni yomntwana oza kuphela esontweni ngoba abazali bakhe beza? Njenganalokhu sinekeza abantwana bethu amaveji ukuba bawadle ngoba abalungele yize bona bengacabangi kanjalo, njengalokhu sifundisa abantwana bethtu uhhide lwezifundo esikoleni ngisho noma benganakho ukuqonda isidingo
Yini “uMfundi” onguMkhrestu?
What is a Christian “Disciple”? Ukuba umfundi enye yezindlela ezisobala esetshenzisiwe ukuchaza abalandeli basendulo bakaKhristu. Kungenzeka singalisebenzisi kangako namhlanje, kodwa lisayincazelo enhle yokuthi kuchaza ukuthini ukulandela uJesu. Njengalokhu igama elithi umfundi empeleni linencazelo yezenkolo noma yefilosofi ( indlela yokubuka ukwenzaka kwezinto empilweni bese uthola incazelo) kwindlela elisetshenziswa ngayo olimini lwesiZulu,
Ukufundwa kweBhayibheli okukhiqiza ukukhula
Bible reading that produces growth Isikhathi sakho wedwa ozakhele sona neZwi likaNkulunkulu sinjenganokuphefumula emphefumulweni. Sinikezela umsoco emphefumulweni, sibopha izinhliziyo zethu eziphukile, sibhidliza intando yethu enenkani, bese siletha ukukhanya emiqondweni yethu ( Amahubo 19). Kodwa kwesinye isikhathi ukufunda isahluko esisodwa soMbhalo kungezwakala engathi njengengxenye engelutho osukwini lomuntu. Ukuphazimisa kwezinto zeZwe, ukukhathazeka
Ubuhlungu benhliziyo obubangwa ukuvikela ukuziphatha okubi
The heartache of protecting bad behaviour Selokhu kwaqala kuGenesisi isahluko 3, ukuziphatha okubi yikona osekuchaza ukuba ngabantu. Simangazwa ukuqala kwakho okusobala kokuziveza kwizingane ezincane; siyakwenzisisa kuqobolwethu; sikhaliswa umthelela wakho esiwubona kwabanye; bese kuqhubeka njalo ebudaleni bethu sibukeka ukuziphatha okubi sesikwenza kalula nje. Ngokubhekisisa ubugebengu bokuziphatha okubi, Umshumayeli 8:11 unika ngokubhekisisa
Ngidinga umngani olungile futhi uyangidinga ukuba ngibe umngani olungile
I need a good friend and you need me to be a good friend Ngokusobala singabantu abazicabangela bona kakhulu ( Izaga 18:1), abanokuqonda okulinganisekile kakhulu, futhi abayiziwula kakhulu ( Izaga 12:15) ukucabanga ukuthi singaqhubeka nempilo ngaphandle kwemibono ebalulekile evela kubangani abathile abalungile. Ukuhlomula okokuqala okusobala ngokuba nabangani abalungile ukukhula ngokukamoya.
Ubunkulunkulu bungaba yinto enzima kakhulu noma elula kakhulu
Godliness Can Be Very Complex or Very Simple Izimo zethu empilweni zidinga uhlobo olunhlukene lweziluleko. Kwesinye isikhathi okuyikona esikudingayo nje imiyalelo ethi “Kwenze lokhu!”noma “Kuyeke lokhu”, kwezinye izikhathi sidinga imiyalelo ehlelwe kahle ngononina ukuba sikwazi ukuphelelisa imisebenzi yethu yansuku zonke phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso nangokweluleka kukaNkulunkulu okubhekiswe kithina. Siyafundiswa eMbhalweni
Bonga
Give thanks Kunomehluko ukubonga kanye nokuhambisa ukubonga. Omunye engasho ngomlomo athi “ngiyabonga” ebe engakuqondile. Kanjalo omunye engasho ukuthi “ngigcwele ukubonga” ebe ekuphika lokho lapho enqaba ukukuveza. Ukubonga kweqiniso kuhlale kuziveza ngokubonga labo abalethe lokhu okubongwayo. Futhi kuyiqiniso ukuthi umkhuba wokunikeza ukubonga wenza ukuthi umuntu agcwaliswe ngokubonga. Inkosi uDavide wayaziwa ngokwesaba
Ukusiza abanye ngalokho osukwazi futhi osukwenza
Helping other with what you know and practice Eminyakeni yokuqala yokusabalala kweVangeli leNkosi uJesu Khristu abantu abaningi ababeqhamuka kwizimpilo ezibhedayo basindiswa. Izimpilo zabo zashintsha. Olunye loshintsho lwenzeka ngaso lesosikhathi, olunye loshintsho lweza ngemuva ngomzalazo omude wokulwa nemikhuba emdala. Kodwa Iqiniso lelo abalizwa lakhiqiza ushintsho olwase lukubona. Iningi labo abazange baba
Ubulungiswa Buyisidingo Esiphuthumayo
Justice is an Emergency Service Uma sicabanga ngezidingo eziphuthumayo sicabanga amaphoyisa, ama-ambulensi, kanye nonogada abahlomile, nezinye izinto. Isizathu esenza sicabange ukuthi lezi izidingo eziphuthumayo ukuthi zonke sisuke sizidinga ngokuphuthuma, ngoba uma zike zabambezeleka noma kancane nje, imiphumela iba mibi. Uma i-ambulensi ingafikanga ngesikhathi, umuntu uyafa. Uma amaphoyisa engafikanga ngokushesha endaweni
Nquma ukunikela
Decide to Give Ukunikelela imali ukuba kwenziwe umsebenzi weNkosi yindlela engajwayelekile yokubekelela kwiphakade. Kuyawenza umqondo ukuthi izinto ezinjengemikhuleko, ukukhuthaza, ukukhonza ebandleni, nokukhonzana kwabazalwane kungezinye zezindlela eziphathekayo zokuzibekelela ingcebo ezulwini. Ukunikelela ngemali kuhlukile. Yinto ethanda ukuba ngeyasemhlabeni, ecishe ingabi ngekamoya, kodwa ngandlela thize inakho ukuba nokuzibekelela kwingunaphakade. Lokhu akusilo nje iphuzu