Ukuhlakanipha kokuphila phakathi kwababi

Wisdom for living among the wicked

Incwadi yeZaga igcwele ukuhlakanipha okungajwayelekile. Ezinye zezaga zingamaqiniso asobala najwayelekile, lapho ezinye siphambana nendlela yokucabanga komuntu. Lokhu kungenxa yokuba incwadi yeZaga ingubuhlakani bukaNkulunkulu abunekezela kubantu– izogcwala amaqiniso asobala, ngoba igama negama likaNkulunkulu liyiqiniso futhi lihlobene nempilo esibhekana nayo nsuku zonke. Kodwa lokhu kuphinde kuchaze ukuthi iZaga zigcwaliswe ngokuhlakanipha abantu ababengeke babuthole ukube abuzange bambulwa.

IZaga 2:6-15 esinye esiyisixhati sokuhlakanipha eziphambana nokucabanga kwabantu okujwayelekile. Abantu ngokwemvelo balandelela lokho okuletha injabulo nentokozo, benokucabanga okuncane kakhulu ngokuthi yini elungile ne yibuhlakani, noma ephambene futhi engubuwula. Kodwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu akwenzele abantu kunikezelana isiqiniseko maqondana nokulunga. Lokhu ukuhlaknipha kwezikhathi zonke kwabantu bakaNkulunkulu abaphila emhlabeni omubi.

6 Ngokuba uSimakade uyokupha ukuhlakanipha,

emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.

7 Uyabela abaqotho impumelelo,uyisihlangu salabo

abahamba ngokwethembeka.

8 Uyabavikela labo abahamba ngokwendlela yezahlulelo zakhe,

9 khona uyoqonda ukulunga,nokwehlulela neqiniso, nezindlela zonke ezinhle.

10 Ngokuba ukuhlakanipha kuyongena enhliziyweni yakho,

ukwazi kuthokozise umphefumulo wakho.

11 Amasu ayakukuvikela,ukuqonda kukugcine.

12 Ukuhlakanipha kuyokophula endleleni yokubi,

nakulabo abakhuluma okuphambene,

13 abadela izindlela zobuqotho,bahambe ebumnyameni.

14 Abathokozela ukwenza okubi,bakikizelele okuphambeneyo,

15 abandlela zabo zigwegwile,nemikhondo yabo imazombezombe.

IZaga2:6-15

Inzuzo ekabili yokuhlakanipha kukaNkulunkulu eyenzelwe amakholwa isobala kakhulu.

Uma siyibheka sihlehla, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuhlenga abalungile kwababi (vv11-15). Abantu abakhohlakele bayajabula ngokwenza okubi futhi bathokoze ngezinga lobubi abakwazile ukubenza. Kodwa ukuhamba ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu kuzofana nokuhamba nomuntu okugadile ohlezi ekhona eceleni kwakho, ekugcina ekutheni ulingwe izindlela zababi. Ukuqonda ngokweBhayibheli izenzo zabo njengezimbi, kanye nezindlela zabo njezindlela ezinobuqili, yikona okuwukhiye wokuphepha kwizithiya zakulomhlaba.

Okwesibili, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwenza abalungile bangaziphathisi okwalabo ababi (vv 6-10). Uma sibhekana nababi, siba nokulingeka silingwa yinyama yethu ukuba sifane nabo- kuyenzeka sibuyisele okubi ngokubi, noma okuxakile sithola ijabulo nentokozo kwizindlela zabo ezimbi. Kodwa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuzosigada hhayi nje kuphela kubantu ababi nezindlela zabo, kodwa kuzophinda kusigade ekubeni sibe ngomunye wabantu ababi olandela izindlela zabo ezimbi. Ngolwazi oluvela eZwini likaNkulunkulu, zingakwazi ukuhlala silungile kuzona zonke izindlela zethu. Futhi ngesikhathi ababi bephokophelela injabulo nentokozo kokubi, abangcwele emoyeni wabo bathokoziswa ubuqotho babo.

Scroll to Top