IHubo elingamavesi amabili

A two verse Psalm

Eminye yemikhuleko namaculo eBhayibhelini made, agcwele isifundiso ngoNkulunkulu, izincazelo ezichazwe kabanzi ngesimilo sikaNkulunkulu, ngezenzo zikaNkulunkulu, nangezimo umbhali abhekane nazo kanye nokudumisa kwakhe. Kodwa ke bese kuqhamuka IHubo 117, nemisho yalo eyisithupha nje.

1Dumisani uSimakade nina bezizwe zonke,

nimbabaze, nina bantu bonke.

2Ngokuba umusa wakhe kithina mkhulu,

iqiniso likaSimakade limi ingunaphakade.

Haleluya!

IHubo117

Ukuzibizela ekukhonzeni uNkulunkulu usuku nosuku akudingi ukuthi nsukuzonke ufunde izahluko ezintathu, ufunde iblog, uthole intshumayelo kwi internet, bese ukhuleka imizuzu engamashumi amabili. Kwesinye isikhathi ukuzikhumbuza ngezinto ezisobala yikona kuphela okudingayo.

IHubo 117 ngelinye eliqukethe amazwi amafushane, alula, kodwa angokukamoya ongawasebenzisela ukuzibizele ekudumiseni. Lisebenzise namhlanje ukuzibizela ukudumisa ngalemicabango:

“Dumisani uSimakade nina bezizwe zonke!” – “USIMAKADE” Nguye owakhetha ukusithanda futhi akasoze anciphisa uthande Lwakhe ngathi. Impela-ke abantu bonke emhlabeni kumele bamazise Yena ngokuthembeka kwaloluhlobo!

“nimbabaze, nina bantu bonke!” – Kungezwakala kufana nomusho wokuqala, kodwa akusikhona ukuphindaphinda. “Ukubabaza” kuchaza ukumphakamisa ngendlela yokuthi izimfanelo Zakhe zidalulwe kubona bonke. Uzoyidlala kanjani indima yakho namhlanje ukugabisa ngezimfanelo Zakhe ukuba abanye bazibone?

“Ngokuba umusa wakhe kithina mkhulu” – Lesi yisizathu sokuthi kungani indumiso nokubabaza okukhulunywa ngakho kulemisho yokuqala emibili kuyinto efanelekile. “umusa ” kaSIMAKADE uyinto engafaniswa nalutho emhlabeni. Akekho umuntu othanda ngokungaguquguquki nokuthembekile njengo-Nkulunkulu. Alukho uthando lomunye oluhle njengo-lwaSimakade. Kungakho into okuyiyona efanelekile ukuthi uzibizele ekudumiseni “Babaza muphakamisele phezulu ukuba bonke babone, uthando olungajwayelekile oluhlukile lukaNkulunkulu analo ngathi!”

“iqiniso likaSimakade limi ingunaphakade” – Ngokuyiqiniso ukuthembeka kothando lukaNkulunkulu analo ngathi okwenza uthando Lwakhe lungaguquguquki. Uthando esiluthola emhlabeni kwabanye abantu kukancane “luthembekile”, futhi ngokuyisiqiniseko “alumile ingunaphakade”. Kodwa uthando lukaSIMAKADE analo ngathi luwuhlobo oluthembeke ingunaphakade.

Futhi yikona ngempela lokho leliHubo elihlose ukusikhumbuza kona wena. Kodwa lokhu ungavumi ukuba kube yiqiniso lukamoya emqondweni kuphela. Makukhiqize ukudumisa uSIMAKADE namahlanje. Ngakho leliHubo liphela ngokuthi “Haleluya”! (noma Makadunyiswe uSIMAKADE!” kwiBhayibheli ihumisho iESV)

Hamba, thobeka, bese utshela bonke abantu namhlanje ngothando lukaNkulunkulu ngawe olungaguquguquki.

Scroll to Top