Ten Psalms a Day?
Wake wakuzama lokho? Ukufunda Amahubo ayishumi ngosuku? Sivame ukuthi mhlawumbe sifunde elilodwa ngosuku, futhi uma unjengami, ngisho uchithe isikhashana kwiHubo ngosuku, amathuba maningi okuthi uthatha umqondo oyigqikithi uloke udlinza ngawo osukwini.
Kodwa ukufunda Amahubo ayishumi ngosuku, yize noma kuwukuthi uzofunda ngokusheshisa, kukwenza uthole umqondo obanzi ngempilo, njengalokhu kuzokunikezela imiqondo eyingqikithi eyishumi ukuthi uyiqhathanise lapho udlinza osukiwini.
Thatha Amahubo okuqala ayishumi, isibonelo. Asibhale umqondo oyingqikithi weHubo ngalinye, bese-ke siyawuqhathanisa. Funda kafushane iHubo ngalinye, bheka ukufingqa okuwumbono wami, bese uyaqhathanisa, bese wenze kanjalo kumaHubo 11-20 kusasa, uqhubeke kanjalo nangamanye!
IHubo 1—Kuhle ukuba ngolungile futhi kubi ukuba mubi
IHubo 2—Umhlaba ungazonda ufike la uthanda khona khona, uNkulunkulu uyanqoba ngendodana Yakhe.
IHubo 3—Abaningi bayangizonda, kodwa uNkulunkulu muhle kimi
IHubo 4—UNkulunkulu uyezwa uma ngimemeza
IHubo 5—UNkulunkulu uzozahlulela izoni mina ngizoqhubeka ngimukhonze Yena
IHubo 6—“ Nkulunkulu ngicela ungisize ngikwazi ukumelana nalomhlaba!”
IHubo 7—Ngiyaphenduka ngoba uNkulunkulu uhlulela bonke ababi, nezono zami nazo
IHubo 8—Umuntu uphakanyisiwe, kodwa uNkulunkulu mukhulu
IHubo 9—Wonke umuntu kumele azi ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi
IHubo 10—Kwesinye isikhathi kuzwakala engathi ababi bayaphumelela bese uNkulunkulu angenzi lutho, kodwa Yena uyabona zonke izinto futhi uzophendula
Umcabango wanamhlanje: Impilo iyinyakanyaka nezono zami nazo ziyayidlala indima, kodwa ngizoqhubeka kulokho okulungile, ngizokhonza Lowo ongaphezu kwabo bonke, futhi ngizoyingcina lendlela yokubuka izinto ngokomqondo weZikhathi Zokugcina.
