Uthokoza kakhulu kangakanani?

How loudly do you rejoice?

Ngokudabukisayo nathi kalula nje sikhononda kakhulu kunokujabula. Uma ufunda impilo nezinto azifezile uNehemiya masinyane uyabona ukuthi wayekuvame kanjani ukumelani nokuphoxeka kwakhe nokuthi okunye ukuphoxeka kwakhe kwakunzima kanjani. Noma kunjalo, incawdi igcwele indumiso ngendlela efana nokugcwala kwemikhuleko eyisijwayela. Unehemiya ubekhuleka njalo futhi ajabule kakhulu kunokuba akhononde.

Mhlawumbe okuyiyona into emangazayo kakhulu kukona konke ukudumisa kukaNehemiya yile:

Banikela ngemihlatshelo emikhulu ngalolo lusuku, bathokoza, ngokuba uNkulunkulu wayebathokozise ngentokozo enkulu; abesifazane nabantwana bathokoza, kwezwakala kude ukuthokoza kweJerusalema.

UNehemiya12:43

Khumbula lokhu maqondana nawe namhlanje. Vuka, mukhonze uNkulunkulu wedwa, bese uyaphuma ugcwalise izindlebe zomhlaba ngendumiso yakho kaNkulunkulu wakho. NjengoNehemiya, uNkulunkulu uhlezi efanelwe ukudunyiswa ngakho konke okuhle Yena asenzele kona, futhi ngisho nangathi. Ngakho masidumise igama likaNkulunkulu ukuze ukujabula kwethu kuzofakazeleka kulabo abaseduze nathi.

Scroll to Top