A little Help for a purposeful prayer
UJesu wakhuza imikhuleko ebaselwa wukuzenzisa (ngokukaMathewu 6:5) negcwele amagama angasho lutho (Mathewu 6:7). Kunalakho, ithuba lekhethelo lokukhuluma noBaba wethu osezulwini kumele libaselwe ukukhonza kweqiniso (Mathewu 6:9-10) futhi ligcwaliswe yizicelo ezingokweqiniso (Mathewu 6:11-13).
AmaHubo wonke akhombisa ngobufakazi ukuthi kungaba wubuhlakani kanjani ukubhala imikhuleko yethu ngokukhulu ukucophelela! Yize noma imikhuleko yethu yasesidlangalaleni (njengawo Amahubo) mhlawumbe ingconywana ngokuhleleka kunemikhuleko yethu yangasese, imikhuleko yethu yangasese isayisilinganiso seqiniso sobunjalo bezinhliziyo zethu (Mathewu 6:6) ngaleyondlela idinga ngokufanayo ukwenziwa ngeqiniso nangomgomo ofanayo.
Ngakho-ke, thatha eminye yemithandazo yabangcwele iNkosi eyiqophele yona ukuze kusizakale thina, bese uyisebenzisa ukwakha umkhuleko oveza ukukhonza uNkulunkulu weqiniso. Kungenzeka sisijwayele isakhiwo “sendumiso nokucela” esiseMkhulekweni weNkosi, kodwa yonke eminye imikhuleko eqoshiwe eMbhalweni inokuthize ukusifundisa kona nayo.
Nansi eminye yemikhuleko ongavula iBhayibheli lakho kuyo njengezolusa inhliziyo yakho ekutheni ukususa kanjani ukungasho lutho kokuzenzisa emikhulekweni yakho bese esikhundleni salokho uyigcwalisa ngenjongo ecacile.
- UDaniyeli 9:3-19
- Kwabase-Efesu 1:16-23
- 1 Amakhosi 8:22-53 (mude, kodwe unokuphindaphinda okucacile okuhambelana nomgomo wawo lomkhuleko)
- IHubo 139
- NgokukaJohane 17:20-26
Indlela ongaqala ngayo, thatha owodwa yalemikhuleko engenhla, bheka lokho okukhulekelwayo kwivesi nevesi noma isigaba nesigaba, bese ubhala okwakho okufanayo nalokho komkhuleko wakho. Wubhale phansi umkhuleko wakho wenzela ukucaca kwawo nokuqonda , bese uwuyisa eNkosini ubhekise ngqo Kuyo.
“uYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.” (Mathewu 6:6,18)
