Isifundiso seZwi esifushane sesiSiqalo

A brief theology of the Beginning

Umhlaba waqala lapho uNkulunkulu ewudala ngokukhuluma kwakhe (KumaHebheru 11:3). Ezinsukwini eziyisithupha ezibhalwe ngokucophelela, ezijwayelekile, uNkulunkulu wadala umhlaba wawugcwalisa ngokuhleleka, ukuphila, nokukhiqiza (IGenesisi 1). Ngosuku lwesithupha uNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane, wabashadisa, wabe esebanika yonke indalo ukuba bayisebenze futhi bayijabulele njengalabo abangumfanenkiso kaNkulunkulu phezu kwendalo (IGenesisi 1:26-29; 2:15-25).

Ngakho-ke, isiqalo saba kwisikhathi esiyizinsuku eziyisithupha lapho uNkulunkulu, obevele ekhona, edala konke lokhu osekukhona (IGenesisi 1:1). Kususelwa kwimibhalo eqoshiwe yokuzalana kwabantu ebhalwe ngokucophelela, siyazi ukuthi ukuqala kwabakhona cishe eminyakeni eyi-6 000 edlule.

Imizamo yabantu yokubheka izinto ngokwesayensi ivame ukudlula imikhawulo yamandla ayo ngokuzama ukuchaza umsuka wezinto zomhlaba, futhi ngokuhamba kwesikhathi ukuvumelana kwayo nokuqoshiwe ngokucacile eBhayibhelini kuyashintshashintsha. Ngakho-ke sihlala siqaphele kakhulu ukugcina ukucaca okuqinile kweZwi likaNkulunkulu bese sibuka umhlaba wezesayensi usafunda futhi usakhula ekuqapheliseni nasekuchazeni izinto kwawo (KumaHebheru 11:3).

Ngenxa yendlela izinto ezaqala ngayo, wonke umuntu ubophezelekile ukukhonza uNkulunkulu (Roma1:19-21), ukuhlonipha umshado (Mathewu 19:6), ukusebenza (2 Thesalonikha 3:12), nokuphumula ngendlela efanele (Ihubo127:2).

Scroll to Top