A brief Theology on Church Membership
Ubulunga bebandla abuyona imiyalo eseBhayibhelini. Kunalokho, kuyindlela amaKhristu abonisa ngayo ukuzinikela okucacile nokushisekayo kulokho ibandla likaJesu Khristu okufanele libe yikho.
Ubulunga bubonisa ukushisekela phakathi kwamakholwa ukuba eluswe abadala bebandla uNkulunkulu abamisile phezu kwabo. Ezindabeni ezingachazwanga ngokucacile emiBhalweni, abadala bebandla esibavumayo yibo esiya kubo ukuze sithole ukufundiswa nokuqondiswa (Hebheru 13:17–18). Ngokombono wabadala bebandla, yilabo abangaphansi kokunakekelwa kwabo ngokukhethekile abathola ukunakwa nokunakekelwa okukhulu kakhulu (1 KaPethro 5:2).
Ubulunga busiza labo abanombono ongakavuthwa noma ongakhele ngenhliziyo ephelele kwinqubo yeBandla kanye nokuphila ubuKhristu ukuba bakwazi ukunqoba noma yikuphi ukungabaza kokuthobeka ngokukwazi ukwenza izinto ngokokuyala kweBhayibheli. Emhlabeni ogcwele izinhlangano ezichazwa ngamakhadi okuthembeka, ukubhaliswa, ubulungu, kanye nokubhaliselwa, abakholwayo bayashesha ukubeka iBandla eceleni njengento ebaluleke kakhulu futhi efanelekile kwimpilo yasemhlabeni (IZenzo 20:28).Uma sikhula ekukholweni, siyaqaphela ukuthi ubudlelwano bethu bokuthandana “komunye nomunye” yibo obuba ubufakazi bethu obukhulu bokulalela kanye nezindlela zethu ezicacile kakhulu zokuvangela (Johane 13:35). Impela wukunquma ukuhlanganyela nabangcwele okuholela ekutheni siqiniseke ngokholo, sibe qotho ezinkolelweni zethu, futhi sizinikele ekuphileni okungcwele nasenkonzweni yobuKhristu (Hebheru 10:19–27).
Ukuzibophezela kobulunga kuyisibonelo sezivumelwano zokuzithandela ezijwayelekile phakathi kwabakholekileyo. Ngenxa yokuthi izinkolelo zokholo lweqiniso ziqinile kakhulu ezimpandeni, kuba khona ukulangazelela ukuzibophezelala ngaphansi kokuphendula kwabanye bonke ukuba ukhonze iNkosi ngokweqiniso futhi kuphilwe ukuphila okungcwele (bheka uNehemiya 9:38–10:39 njengesibonelo sesivumelwano esinjalo sokuzithandela).
Ngakho-ke sibophezelekile ukuzinikela ngokuphelele ebandleni, nabadala bebandla abaziwayo kanye “nakomunye nomunye”, sikuhlose ukuvelela ekukhonzen uNkulunkulu, ekuphokopheleleni ubungcwele, othandweni lwethu komunye nomunye, nasebufakazini bethu emhlabeni.
