When Doing Your Best Still Results in Conflict
Kwake kwabakhona abesifazane ababili ababesebenza ngokuzikhandla kakhulu ngenxa kaKhristu. Babeyingxenye yebandla elincane elalisakhuliswa ngumshumayela owayedumile owayesesukile waya nakwamanye amadolobha ukuyotshala nakhona amabandla. Babekade bemsizile kakhulu kwelabo idolobha, futhi babe sanakho ukuxhumana naye, bemulekelela la khona njengalokhu ebesehambile kubona. Laba besifazane ababili bahlala bethembekile nasebandleni labo. Babe ngabanye balabo ababevelele kwimisebenzi yokukhonza ejwayelekile, bedlala indima yabo njengabesifazane abanobungcwele obuyisibonelo. Babaziwa ngokusebenza kanzima nangokuzikhandla.
Kodwa kwesinye isikhathi kwaba khona ukuvuka kokungezwani phakathi kwabo. Mhlawumbe “ukungezwani” yigama elikahle ngoba kwakungelula ukukubona kuze kufike isikhathi lapho sekubekhona isikhathi eside, kuletha nokungakhululeki nakwabanye abaseduzane. Futhi, kwakunzima ukuchaza ukuthi yini kahle-hle imbangela yengxabano yabo, ngoba ukungezwani kwabo kwakuxakaniswe ukungabibikho ngokuqondisisa ukuthi kwenzakalani. Kwakunzima-ke ngaleyondlela ebandleni, kakhulukazi umfundisi omusha, ukusiza lababesifazane bakwazi ukuchaza nokuxazulula lengxabano ehlala-hlale ivuke. Bese-ke, kwesinye isikhathi, yayinyamalala lapho umsebenzi wabo wokuzikhandla uphinda uqhubeka. Injabulo yabo yayiphinda itholakale kwintshiseko abanayo efanayo ukubona iNkosi idunyiswa ngaso isibonelo somsebenzi wabo onzima nomuhle kwisabelo sokukhonza abazalwane uNkulunkulu ayebabele sona.
Umfundisi ongumtshali webandla wezwa ngalokhu kubakhona kokungahlalisani kahle okuxakile ebandleni, wabe esebhala imigomo ethile eyibhalela umfundisi omusha ukuthi angabasiza kanjani laba besifazane ababili baxazulule lengxabano yabo ehlala-hlale ivuke. (indaba efingqiwe yomsebenzi wabo wokuzikhandla onengxabano ehlala-hlale ivuke ungayifunda kwabaseFiliphi 4:2-3)
Isikhathi lapho usebenza khona kanzima, uzama ukwenza okuhle, kodwa ulokhu uxakaniseka emqondweni wakho bese ufaka ubunzima ebudlelwaneni obuseduze nawe, nazi izeluleko zomfundisi zenhliziyo yakho kanjalo neyalabo abaseduze nawe emndenini wakho kanye nebandla abalangazelele ukuba yingxenye yomsebenzi wokuzikhandla nenjabulo okwakukhona ekuqaleni futhi kuyisibonelo esihle.
Okokuqala, bona ukuthi umthombo wakho wenjabulo mhlawumbe ususukile. Esikhundleni senjabulo kaNkulunkulu ukuthi inqobe ubunzima obukhulu emsebenzini wakho, umsebenzi qobolwawo ngandlela thize uba yindawo lapho injabulo ilindeleke khona. Yize noma injabulo enkulu ingabakhona emsebenzini omuhle, umsebenzi ngokungokwawo awuhlezi uletha injabulo. Ezinye izinsuku zinzima futhi azinawo umvuzo ongako.Kwezinye izikhathi osebenza naye angaqundula abemuncu usuku lonke. Nanoma ngabe yiziphi izinto eziletha indumalo ethatha injabulo emsebenzini wakho, uma ukungabibikho kwenjabulo sekukapakela nakwabanye, lapho-ke sekukhala izinsimbi zesexwayiso, zikubuyisela emuva emthonjeni ongcono wenjabulo. Yeka ukulindela injabulo kumsebenzi wakho onzima, kunalokho, ngemuva kwezinsuku ezinzima kakhulu, babaza njengoHehemiya enza “ intokozo esiyiphiwa nguSimakade iyinqaba yethu.” Ngakho-ke, thokoza eNkosini (KwabaseFiliphi 4:4).
Okwesibili, bona ukuthi ukubuka kwakho kungenzeka akusacacile kahle. Umphumela wokuqala wokuzizwa ungenayo injabulo, udidekile, ukhungathekile, futhi unganelisekile ngokujwayelekile kuvame ukuba umphumela wokungabi nokuchazeleka okukahle. Ukungaphumeleli kwento eyodwa elindelekile kwenza kungabonakali okunye okuyishumi okwenziwe ngempumelelo. Imizwa iletha inkungu ekuboneni kwethu kahle. Ukona okuncane komunye kubhidliza ubungani obukhulu. Ngokwesimo somsebenzi onzima, ukungabibikho kokuchazeleka okukahle kuvame ukuvela ngokusebenza ngokweqile entweni engabalulekile, kuyekwe le ebaluleke kakhulu. Noma mhlawumbe umphumela wokungajabuli ongachazeki kahle kuyindlela yokubaleka, ushiye umthwalo kulabo abasebenza nawe ngaphandle kokubaxwayisa. Kwisikhathi esikanjalo, buyisela ubuqotho ngokuba uhluzeke. Beka izinto ngendlela eziyiyona, lalela imibono yabanye, bona ukuthi ukungakwazi kwakho ukuchaza konke kahle kungenxa yokubuka kwakho izinto okunenkungu.Ngakho-ke, ukubekezela kwenu makwaziwe ngabantu bonke (Filiphi 4:5).
Okwesisthathu, bona ukuthi umsizi wakho useshintshanisiwe. Ngokujwayelekile, kungenzeka uthole induduzo enkulu eZwini likaNkulunkulu, bese,ngomkhuleko othintanayo ogcwele indumiso usukhuthazekile ukwenza kahle futhi ngakusasa, kodwa manje uNkulunkulu ubukeka ewumthombo wosizo okude futhi ongathembekile. Ukungabi nenjabulo kuyakubulala ukudumisa nokukhuleka, bese endaweni yalokho kungenzeka uphakamise ukudangala nokukhathazeka njengabasizi bakho abathembekile. Nabo futhi basebenza ngokuzikhandla, kodwa injongo yemizamo yabo ibheke ekunganelisekene nokufiphala kakhulu kokubuka kwakho izinto ngendlela yokuthi ulokhu ubuyela kulezizindima ezimbili ezingenhla. Ngakho-ke, khumbula njalo, ukuthi iNkosi iseduze, ungakhathazeki, kodwa khuleka kuNkulunkulu (KwabaseFiliphi 4:5-6).
Bese-ke, yekela uNkulunkulu akuphendule. Vumela Yena abe ngumsizi wakho, vumela ukuthula Kwakhe kuqaphe inhliziyo nengqondo yakho ekukhathazekeni, ekungacabangini kahle, nasekubeni yinkanuko yezwe kokungabi nanjabulo (Filiphi 4:7). Gcwalisa umqondo wakho ngeQiniso leZwi likaNkulunkulu kanye nobuqiniso bezimo zakho, gcwalisa umqondo wakho ngemicabango emihle ngalabo osebenza nabo, gcwalisa umqondo wakho ngokucabanga kahle ngezono namacala akho nalaba abanye, gcwalisa umqondo wakho ngemicabango eqotho, gcwalisa umqondo wakho ngalokho “okuthandekayo nokutusekayo” (Filiphi 4:8). Velela ekufundeni nasekulingiseni labo abangcwele (Filiphi 4:9).
Kanjalo ukuthula kukaNkulunkulu kuzoba nawe. Ingxabano nokuba khona kwesisindo ngeke kumelane nenhliziyo eguquliwe. Intokozo ivela kuNkulunkulu, kanjalo nokuthula; kufune kokubili Kuyena.
