Udumo lokungaThathi kaLula Iziphambeko

The Honour of Not Taking Offence Easily

Siyizoni, futhi elinye lamakhono ethu emvelo yikhono lokufihla isono sethu. UJobe 31:33 ukhuluma ngomkhuba wokumboza izono zethu, sizifihle ezinhliziyweni zethu lapho siziqonda kahle khona, kodwa sizigcina zingabonwa ngabanye, futhi sikholelwa ukuthi singazifihla ngisho nakuNkulunkulu.

Lelo khono elingokwemvelo kithina maqondana nezono zethu, liyikhono okufanele siyeke ukulisebenzisela ezethu izono, kodwa silisebenzisele okungenzeka kube yizono zabanye. Uma uma ufihla izono zakho, awuyikuphumelela; kufanele uzivume, noma yembula kuNkulunkulu, izono zakho (Izaga 28:13). Kodwa-ke, uma umboza zonke iziphambeko ezenziwa abanye kuwe, khona-ke usulisebenzise kahle lelo khono lokwemboza izono.

Ohlakaniphile uyephuza ukuthukuthela;

kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.

Izaga19:11

Kuyinto ehloniphekile ukunganaki, noma ukusibekela, iziphambeko eziningi zabanye. Njengoba wena ngokwendlela yokona ufihla izono zakho ukuze kungabibikho muntu owaziyo ngazo, kanjalo kufanele ngokuhloniphekile usibekele lokho okubuka kuyizono zomunye ukuze kungabi yiwona wonke umuntu owaziyo ngazo. Uma kuziwa kuzo zonke izindlela zansuku zonke abanye abakona ngazo wena, funda ukuzisibekela. Ungazivezi ezingxabanweni zesikhathi esizayo; ungaziphindaphindi engqondweni yakho njalo uphokophelele ukuphindisela; ungabambeli lowo muntu amagqubu ukhumbula leso siphambeko. Kuwudumo lwakho ukusibekela iziphambeko ezinjalo.

Kuwubuhlakani ukumbula izono zakho kuNkulunkulu, kodwa sibekela izono zabanye

Scroll to Top