Time Doesn’t Heal Guilt
Kuyinto ejwayelekile emhlabeni ukukholwa ukuthi “ukuhamba kwesikhathi kulapha izinto zonke”. Lokhu kungaba yiqiniso kwezinye izinto, kodwa isikhathi asikulaphi ukulahlwa wunembeza ngenxa yokona komunye. NjengaMakhrestu akufanele neze ukuba sone bese siqhubeke nje engathi akonakele lutho, sikholwa wukuthi ukuhamba kwesikhathi kuzolapha ukulahlwa wunembeza.
Kwisikhathi lapho kwakukhona abathize ebandleni eKhorinte abona ngokuzibandakanya ekugcoleni kwezocansi, abanye baphenduka, kodwa abanye baziqhubekela nje engathi konke kwakuyinto esidlulile, nokuthi ukuhamba kwesikhathi kuzoyilungisa lento. Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa,uMoya oNgcwele wenza uPawuli ukuba ababhalele lamazwi:
(Nginovalo)…funa kuthi ekufikeni kwami futhi, uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abebekade bonile, bengaphendukanga kulokho abakwenzileyo, ekungcoleni, ebufebeni, nasemanyaleni.
2 KwabaseKhorinte 12:21
Icala lesono phambi kukaNkulunkulu, kanjalo nobuhlungu obubangiwe komunye ngesono esenziwe, akulashwa wukuhamba kwesikhathi. Akukho ukulapheka kunembeza onecala lapho kwenziwe isono. Kuphela ukuxolelwa okuletha ukuthula nokubuyisana lapho isono sesibekwe obala.
Yize noma labo esone kubona kungenzeka bakulungele futhi bakushishekele ukuxolela, lolo xolo ngeke lwamukele ngaphandle kokuphenduka, Ukuphenduka kuzovuma isono ngaphandle kokwenza izaba noma izizathu zokwenza okwenzile; kuzo cela ububele okungafanele ubuthole koxolo oluvela kuNkulunkulu nalowo omunye umuntu; kuzothokozela ubudlelwano obuvuseleliwe. Eqinisweni, lapho isono sivunyiwe bese saxolelwa , lapho-ke ubudlelwano osebuvuselelwe ngezindlela eziningi buqina kakhulu kunalobo base kuqaleni, ngoba bubekezelele ukungena kwesono kanye nokuhamba yonke indlela yokwakha ukubuyisana.
Ukuhamba kwesikhathi akuwulaphi unembeza onecala. Uxolo kuphela oluwulaphayo.
Masingasithathi kancane isono. Uma nje kusalele emandleni ethu, asikufune ukuthula ngokuphenduka okungokweBhayibheli bese singabe sisathemba ukuthi ukuhamba kwesikhathi yikona okuzolapha unembeza nobuhlungu obubangwe yisono.
