Repentance: the Well-Travelled Path of Every Christian
Mzalwane Othandekayo, ngakube lokhu okulandelayo akusiwo umgusu ojwayelekile? Wenza isono; ulahlwe wunembeza; uzizwe kabi ngenxa yokulahlwa yicala kunembeza; usivume isono; ucele ukuxolelwa ngesono sakho bese uyavuselwa kuNkulunkulu nakomunye; bese usuwenza lokho okulungile. Ngokufingqiwe nje, umgudu ohajwe kahle woMzalwane wonke umgudu we-Sono—Ukulahlwa uNembeza—ukuZisola–ukuVuma Isono—Ukuxolelwa–ukuLalela ngeNtobeko. Ukanjalo umgudu wokuphenduka kweqiniso, oqala uwuhambe ngesikhathi uphenduka njengesoni, bese okulandela lapho sekuyingxenye yeohambo lwakho lokukholwa lwa mihla yonke.
Ngenxa yemvelo ekhohlisayo yesono kanye nomthelela wezwe, kukancane ukuba silandele lomgudu isigaba nesigaba kuzekube sekugcineni. Senza engathi sesithole izindlela ezinqmulelayo—njengokuxolelwa ngaphandle kokuvuma isono, noma ukuvuma isono okungenakho ukuzisola, noma uxolo olingenakho ukulalela ngentobeko. Noma samukela izindlela ezithathelayo zalelizwe, sikholelwa ukuthi sizosifikisa esiphethweni esifanayo, ukuthathela okufana ‘ nokuzixolela wena’, ukuzilahla ngecala okungesilo iqiniso, ukuzenza engathi uyazisola kanti uthenga amehlo, ukuziba unembeza, ukunciphisa isono osenzile, ukuvuma kokuzenzisa, ukulalela ngentobeko okungaphelele, nokubeka omunye icala ngesenzo osenzile. Lokhu akufanele kube kanjalo!
Sibonge ngemiBhalo, sinolwazi olukahle kakhulu lwalomgudu nayoyonke iminingwane yawo. Wonke uMzalwane usemkatshubomvu kulomgudu wemihla ngemihla osukela kwisono uya kwintobeko. Wonke uMzalwane uwuchwepheshe, noma kufanele abe wuye, wokuphenduka kweqiniso. Make sisuse kulomgudu zonke izibi zomhlaba, ziwuvuselele ubuyele ube kwisimo esingokweBhayibheli.
Naka amaqiniso amafushane, kodwa abalulekile wengxathu negxathu kulomgudu wokuphenduka wonke uMkhrestu wonke awuhambayo nsuku zonke.
Wenza isono. Wenza into uNkulunkulu athe ingenziwa, noma uhluleka ukwenza into uNkulunkulu athe mayenziwe. Ngakube kungemicabango, amazwi, noma izenzo usilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu (Roma 3:23).
Isono sakho sikulahle ngecala. Ngisho kungabe kuthiwa isono usenze ungaqondile (Levithukhusi 4:27), noma ngisho kuthiwa umuzwa wokulahlwa yicala awukabibikho, icala lenziwe nguwena.
Uba nomuzwa wokuzisola. Ukuzisola wumuzwa wokukhathazwka ngenxa yomuzwa wokulahlwa yicala. Simelwe sizizwe silahlwe yicala uma silenzile icala– lokho ukuzisola kweqiniso (ngisho uJudas wabanokuzisola ngenxa yecala lakhe Mathewu 27:3. Ukuzisola ngokungokwakho akusikona ukuphenduka, kodwa ukuzisola okungcwele kuzohlezi kuletha ukuphenduka okuphelele. (2 Khorinte 7:9).
Uyalibona icala lakho bese uvuma isono sakho. Sibonga iZwi likaNkulunkulu ngokunikezela ulwazi konembeza bethu (Roma 2:15), noma mhlampe sibonga ukunakekeleka okuvela kuBazalwane (ekaJakobe 5:19-20), sesikwaze ukubona icala lethu bese savuma izono zethu. Ukuvuma isono kuchaza ukuvuma ukulahlwa yicala elibekhona ngenxa yokwenza isenzo esiyisono (Levithikhusi 5:5; IHubo 32:5). Ukuvuma isono okuphelele kuzophimisela “Kuyisono, futhi ngisenzile. Nginecala laleso sono futhi ngizofakazi ukuthi ngisenzile. Ngifanelwe yisijeziso esiphelelele nomphumela okufanele isono saloluhlobo.”
Ucela ukuxolelwa bese usuyaxolelwa. Ukucela ukuxolelwa kuyisidingo ngoba nje akukho ukwenza ngenye indlela, ngaphandle kokulahlwa ngecala, ngenxa yesono. Yize noma inkokhelo nesijeziso sezenzo eziyisono kungadingwa imithetho eyahlukene, kodwa icala lesenzo esiyisono alisuswa yilokho.. Icala lingasuswa kuphela ngokwesulwa kwalo yilowo owoniwe. Ngakho-ke isicelo sokuxolelwa kuhlezi kwisicelo sobubele (IHubo 51:1). UNkulunkulu, ngenxa yobubele Bakhe obukhulu, uhlezi exolela ngokususa isono sethu futhi asenze singabe sisakhunjulwa.ukuthi kube khona ku (Izaya 43:25; Jeremiya 31:34).
Uyalalela ngokuthobeka. Ukuxolelwa yisenzo esikhulu futhi esingasifanele, kangangokuthi senza kubekhona indumiso, inzondo yesono, kanye nothando lokulunga (IHubo 51:10). Lokhu ngempela yingxathu lokugcina eliyisidingo sokuphenduka kweqiniso. Ukuphenduka kweqiniso kuzosimisa isono bese esikhundleni sesono kufaka ukulunga (IHubo 34:4; Izaya 1:16-17).
EmiBhalweni yonke, uNkulunkulu uwaqinisekisile amagxathu akumgudu wokuphenduka kweqiniso. Akusizona zonke izehlakalo zokuphenduka eBhayibhelini ezinikezelwe imininangwane yonke, kodwa yonke imininingwane ihlezi ikhona. Funda lezahluko ezilandelayo, bese uziqhathanisa ndawonye ukukwenza ukuthi uphinde ube uchwepheshe masekuziwa ekuphendukeni: AbaHluleli 10:10-16; IHubo 32, IHubo 51; Izenzo 2:37-42; 2 Khorinte 7:8-13.
Sono—Ukulahlwa uNembeza—ukuZisola–ukuVuma Isono—Ukuxolelwa–ukuLalela ngeNtobeko. Ngaso sonke isono sansukuzonke kungabe ngesenzo, ngezwi, noma umcabango, lokhu kumele kube wumgudu ohajwe kahle wabobonke Abazalwane.
