Did You Pray for Ministry Workers Today?
Siyazikhulekela thina ngokungokwethu. Siyabakhulekela abathandiweyo bethu. Siyakhulekelana ebandleni. Kukangakanani lapho ukhulekela labo abenza umsebenzi weVangeli? Uyakwenza lokho kancane ebandleni lapho nikhulekelana njengalokhu kuvele wonke uMkhrestu eyisisebenzi sevangeli emabandleni akuwo nasemiphakathini ahlala kuyona. Kodwa ngakube ukuvamile ukukhulekela izisebenzi zavangeli—abadala bebandla lakho (abafundisi) amadikoni, ama-missionary, nalabo abatshala amabandla?
Incwadi kwabaseFiliphi 1:3–11 iwumthandazo wesithunywa sevangeli owenzelwa elinye lamabandla ayebambisene kunye nawo. Kodwa futhi iwumthandazo wokubambisana emsebenzini wenkonzo—umsebenzi wevangeli. Ngakho-ke, lo mthandazo ungathandazwa ngokufanayo yibandla lithandazela isithunywa sevangeli.
Thandazela izisebenzi zomsebenzi wevangeli, futhi lapho ubathandazela:
- Thandaza ngenjabulo (amavesi 3–5).
- Thandaza ukuba uNkulunkulu aqhubeke nomsebenzi awuqalile kubona qobolwabo (ivesi 6).
- Thandaza sengathi ukanye nabo (amavesi 7–8).
- Thandaza ukuze bakhule ekwazini uNkulunkulu, ekuhlakanipheni, nasekulungeni kwabo siqu (amavesi 9–11).
- Thandaza ukuze uNkulunkulu adunyiswe futhi akhazinyuliswe (ivesi 11).
Bathandazele bonke abasebenzi benkonzo obaziyo. Thandazela ngalendlela nalabo abasohlwini lwasebandleni lakho lwezithunywa zomsebenzi wevangeli.
