Ukukhuluma Okuhle

Pleasant Speech

Incwadi kaJakobe isahluko 3 ithi sonke siyakhubeka futhi sona ngezindlela eziningi, kodwa kubonakala sengathi sivame kakhulu ukona ngolimi lwethu. Njengoba uJakobe 3:6 usho, “nolimi lungumlilo, ulimi lumi luyizwe lokungalungi”. Enye inkulumo le! Futhi siyaqonda ukuthi kungani!

Ngezinye izikhathi sizama ukusho into efanele, kodwa siyisho ngendlela engafanele, bese ngaleyo nkulumo sivuthisa ihlathi lonke. Kwezinye izikhathi sicabanga ukuthi sikhulume ngendlela efanele, kodwa lapho sesicabangisisa futhi, siyabona ukuthi sisho into engamanga ngokuphelele noma engahlangene nalokho obekukhulunywa ngakho. Kanti ngezinye izikhathi sivele sisho into engafanele ngendlela engafanele, bese sivuna imiphumela yolimi lwethu olubukhali ngokweqile. Kuyimvelakancane ngempela ukuthola umuntu owaziyo ukuthi kufanele akhulume nini, athini, futhi akusho kanjani.

Kodwa thina njengaMakhrestu asishiywanga singenamyalelo mayelana nolimi lwethu. Cishe zonke izahluko zencwadi yokuhlakanipha, IZaga, ziqukethe okungenani isaga esisodwa, uma zingeningi, ezisinika ukuhlakanipha mayelana nalokho esikushoyo nendlela esikusho ngayo. Imfundiso yeBhayibheli ngokukhuluma kwethu ibanzi futhi iphelele, ngoba ikhuluma kabanzi ngakho kokubili, okuqukethwe yilokho esikushoyo kanye nendlela lokho okuqukethwe esikushoyo esikusho ngayo.

UNkulunkulu wadala amazwi ukuba asetshenziswe ngendlela efanele kulokho okuqukethwe yinkulumo kanye nakwindlela okushiwo ngayo.

Ukubeka umqondo wenkulumo ngendlela efanele, kodwa indlela okhuluma ngayo ingafanele, noma indlela oyibeka ngayo ifanelekile kodwa umqondo wenkulumo awufanelekile, akusikona ukuthi kunengxenye enhle– kusayinto engafanelekile ngokuphelele, kokubili kumele kufaneleke kuphinde kube ngcwele ukuze ukukhuluma kwakho kuhloniphe icebo likaNkulunkulu alenzele amazwi.

Ngesikhathi sakho sokudlinza namhlanje, cabanga lamavesi amabili, engathi iNkosi ingangcwelisa ukukhuluma kwakho ikwenze kube ngokuhle kakhulu.

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo.

KwabaseEfesu 4:29

Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.

KwabaseKholose 4:6

Scroll to Top