The freedom of Law-Keeping
Izikhawu ezimbili kwincwadi kaJakobe uNkulunkulu usitshela “ngomthetho wenkululeko”, umthetho okuyiwona thina njengaMakhrestu esiwugcinayo. Uhlukile kakhulu kwimithetho thina esiyijwayele, ngoba njengalokhu igama lisho, lomthetho wumthetho oletha inkululeko nokukhululeka. Lona ngumthetho thina esiyakwahlulelwa ngawo, ngakho-ke simelwe ukuba siwamukele njengomyalelo wempilo onikezelana inkululeko
Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
EkaJakobe2:12
Lomthetho siwenzelwe walula lapha kuvesi 8
Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;
EkaJakobe2:8
Isithembiso sempumelelo esithi masifane unikezelwe ekuqaleni kwencwadi kaJakobe ukwenzela ukuwazi nokuwuthobela “umthetho wenkululeko”
Kepha obukisisa emthethweni opheleleyo wenkululeko nohlala kuwo, engesiye ozwayo nje akhohlwe, kodwa engowenzayo asebenze, lowo uzakuba ngobusisiweyo ekwenzeni kwakhe.
EkaJakobe1:25
Uma ufunda imiBhalo, yifunde wenzela ukuthola ukuthi ubaphathe kanjani labo abasondelene nawe. Lapho usagqolozele ngaleyonhloso eZwini likaNkulunkulu, qhamuka nezindlela ongenza ngayo lokho kulolosuku. Njengalabo abanoMoya oNgcwele kaNkulunkulu, sinenkululeko yokulalela ngentobeko kusuka enhlizweni. Lapho ukhombisa izimilo zoBukhrestu, isihle, uthando nokunakekela kulabo oxoxa nabo namhlanje, uzothola ukuthi ezinye izono zizowela. Ukukhathazeka kuzoncipha lapho ngokokuba nesandla esilulekile uhlukana nempahla yakho ethize iya komunye onesidingo esikhulu kunesakho. Ukucabangela omunye okubi kuzohluleka ukuhlala kuphila emqondweni wakho uma ukhonza abanye kwimigudu yakho yansuku zonke.
Ningabi nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
KwabaseRoma13:8
