The Cure for Cross-Generational Sins
Akuyona imfihlo ukuthi ezinye izono zihlupha imindeni zisuke kwesinye isizukulwane ziye kwesilandelayo. Ukudakwa (okuthiwa ialcoholism) mhlawumbe kuyisibonelo esisobala kakhulu ‘sesono sikababa’ esidlulela ezizukulwaneni eziningi ezilandelayo. Kodwa ezikhathini zethu cishe noma yikuphi ukuziphatha okubi kuhlotshaniswa nabafowethu nodadewethu, abazala, abazali, kanye nogogo nomkhulu abenza izenzo ezifanayo zokungabi namthetho.
Kwezinye zalezi zono ezidluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane, kunezimo zezempilo ezizuzwe ngokofuzo ezingaqinisekiswa ngokuhlolwa okujwayelekile kwezokwelapha. Ezimweni ezinjalo, thina njengaMakhrestu siyajabula ngokwazi ukuthi ngisho nesimo sezempilo asikwazi ukusivimba ekubeni ngcwele. Njengekhanda elibuhlungu lingase lenze kube nzima kakhulu ukuba sibe nomusa futhi sibonge, kodwa akwenzi kube yinto engenakwenzeka, kanjalo nesimo sezempilo esizuzwe ngokofuzo singase senze ukuziphatha okubi kube yisilingo esikhulu kwabanye kunakwabanye. Kodwa Amakhrestu ahlala enendlela yokuphunyuka esilingweni (1 KwabaseKorinte 10:13).
Eziningi zalezi zono ezidluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane zinezimo ezijulile ezingokomoya eziyimbangela yazo. Izwe livame ukubiza lezi zimo ngokuthi ukuphazamiseka kwengqondo, futhi igama elithi ukuphazamiseka lifanele ngempela, yize noma thina njengaMakhrestu siyazi ukuthi simelwe esikhudleni salengxenye ethi kwengqondo kufanele kufakwe isifundo seqiniso sezomphefumulo (pysche). Uma singalwenzi lolu shintsho olubalulekile, sizocwila ekwesabeni okufanayo okungamanga kokuthi sizodlulisela ukuziphatha okubi esizukulwaneni sethu kuye ezizukulwaneni ezizayo. Ngaleso sikhathi ithemba lethu elikhulu liyoba ukumane silawule lokho kuziphatha ngemithi eshintsha isimo sengqondo, yona evame ukuba nemiphumela emibi eyingozi. Kodwa thina sazi kangcono. Sinethemba lokungcweliswa, ngisho nasezimweni ezenza sithambekele kakhulu kwezinye izinhlobo zokuziphatha okubi.
Futhi, kuyadabukisa ukuthi kuvame kakhulu ukuba ubaba oyisidakwa abe nendodana eyisidakwa kunokuba ubaba ozithibayo otshwaleni abe nendodana eyisidakwa. Nokho, lobu budlelwano obucacile obudluliselwa ezizukulwaneni abuyona into ezuzwe ngokofuzo, engenakugwenywa, noma engenakushintshwa.Buningi ubufakazi babantu obukhombisa ukuthi ubaba oyisidakwa angaba nendodana enyanya ngisho iconsi elincane lotshwala. Ngokufanayo, baningi obaba abazithibayo otshwaleni abaye baba namadodana athanda ukuthokoza ngokudakwa.
UHezekeli 18 uyisahluko sonke esizinikele ekukhulumeni ngokuziphatha okuyisono okudluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane. Amavesi 5-13 akhuluma ngobaba olungileyo onendodana embi. Amavesi 14-18 akhuluma ngendodana elungileyo kababa omubi. Umgomo wezikhathi zonke ubonakala ngokusobala emavesini 20-21.
Umphefumulo owonayo uyakufa. Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.“Kepha uma omubi ephenduka kuzo zonke izono zakhe azenzileyo, agcine zonke izimiso zami, enze ubulungiswa nokulunga, uyakuphila nokuphila, akayukufa.
Hezekeli 18:20-21
Yilo ithemba Amakhrestu analo futhi alinikezayo mayelana nakho konke ukuziphatha okubi okunobudlelwano obudluliselwa ezizukulwaneni ngezizukulwane. Wonke umuntu ophendukela kuNkulunkulu enze okulungileyo akanaso isizathu sokwesaba ukuba yisigqila sezono zomndeni wakhe. UNkulunkulu wasidala, uNkulunkulu uyakwazi ukusebenza kwethu, futhi uNkulunkulu ulungile; akathokozi ngokugcina izizukulwane ziboshiwe esonweni esizozithumela esihogweni (uHezekeli 18:23). Imithelela edluliselwa ezizukulwaneni ingase iqhubeke ikhona, kodwa ikhambi lokuziphatha okuyisono ukuphendukela eNkosini, ukuphenduka kulokho kuziphatha okuyisono, nokuphila ngokuphishekela okulungileyo.
