God’s Perfections Are Our Counsellors
“Khetha ezinhlanu izimfanelo zikaNkulunkulu bese uloba phansi ukuhambelana kwazo nesimo sakho.” Yilowo umyalo uprofesa wase-seminary awunika iqoqo lamadoda ayeseqala ukubona ukukhonya kokweluleka okungokweBhayibheli kukhonya phezu kwezinye izinto zasemhlabeni ezisethsenziselwa ukweluleka.
Yengeza imininingwane yesimo sakho, ukwenza isibonelo esisobala ukukwenza lokhu kungabukeka ngalendlela. Izimfanelo ezinhlanu zeNkosi yethu ezikhethiwe namhlanje obukaNkulunkulu ukwengamela, ubulungiswa, ubukhona ndawozonke, iqiniso, kanye nobuhle.
UNkulunkulu wengamele ngokugcwele nangokuphelele phezu kwezinto zonke (IHubo 103:19). Ukwengamela kukaNkulunkulu kudinga ukuthemba okuphelele futhi kufaka ngokukhulayo ithemba eliphelele (Roma 8:28-31,37). Ukwengamela kukaNkulunkulu futhi kuphoqa ubukhona kwesidingo samandla onke Akhe kanye nokwazi izinto zonke Kwakhe.
Ebukhosini Bakhe, uNkulunkulu ngokuphelele ulungile ngokwahlulela(IHubo 7:11;96:13). UNkulunkulu uhlezi ebalahla ababi futhi athethelele aphinde aphe umvuzo abalungile (Eksodusi 34:7) futhi akanakho ukwenzelela (Idutheronnomi 10:17). Ngakho-ke akufanele sizifunele ubulungiswa ngeyethu indlela, kodwa kanalokho asethembe kubulungiswa bukaNkulunkulu ( 1 Samuweli 26:23; Izaga 20:22; Izaya 65:6). Singathembela kwinduduzo Yakhe nokusiza Kwakhe esikhathini sokudinga ( 2 Thesalonikha 1:5-7).
UNkulunkulu futhi ukhona yonke indawo ngaso sonke isikhathi. Ukhona yonke indawo (Ihubo 139:7-12). Leliqiniso, lihlahambisana nobuhle nokwengamela kukaNkulunkulu lisinikezela ithemba elikhulu ngesikhathi sezimo ezinzima (Roma 8:38-39). Ukuba khona yonke indawo kukaNkulunkulu okuqhubekayo kuphinde kusebenze ekugwemeni isono- kakhulukazi leso esenziwa esithe (Izaga 15:3).
UNkulunkulu uyiQiniso. Lokhu kuchaza ukuthi Yena kuphela unguNkulunkulu weqiniso nokuthi akekho omunye onjeNgaye (Izaya 46:9). UNkulunkulu kuphela unguBunjalo obunokukwazi ukubona iqiniso lokwenzeka kwezinto njengobalinjalo, futhi ngoba akakwazi Yena ukuqamba amanga (Numeri 23:19) isambulo Sakhe kubantu siveza iqiniso Lakhe futhi kanjalo kumele lithathe indawo yakho konke ukuhlakanipha kwabantu nezincazelo zabo ngobuqiniso bokwenzeka kwezinto empilweni yase mhlabeni. (ngokukaJohane 14:6; Roma 3:4). Leliqiniso liyiseluleko kanye nesikhuthazi sezimo zempilo (Hebheru 6:18).
Okuhambisana nokubusa kukaNkulunkulu okuphelele ubuhle bukaNkulunkulu. Ubuhle bukaNkulunkulu businika umbono oqondile futhi busikhuthaza ukuba senze okulungile nokuhlanzekile (IHubo 73:1). Esikhundleni sokungenami noma ngisho nokuthukuthela okungaba khona, ulwazi lobuhle bukaNkulunkulu luletha ukubonga empilweni yekholwa (IHubo 118:1) kanye nethemba enjongweni yokugcina kaNkulunkulu ngezinto zonke (KwabaseRoma 8:28).
