Yenza ukuGanana kube neDumela Futhi

Make Marriage Great Again

Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo. ‘


KumaHebheru 13:4

Ngakube awuganile, uganile, wahlukanisile, noma washona owawushadelwe naye, unomgomo njengoMkhrestu ukuba wenze ukuganana kube nedumela emehlweni alabo abaseduze nawe. Lelivesi akusilona nje elemihlangano yase sontweni kuphela noma lapho kuhlangene khona Amakhrestu; lingele mpilo yonke. Ukuganana kumele kuhlonishwe phakathi kwabantu.

Uma ungaganiwe, ungawuhlonipha umshado ngendlela okhuluma ngayo ngawo, indlela oxoxa ngayo nabantu abaganiwe bobulili obungafani nobakho, kwindlela yokuziphatha kwakho uma uya emicimbini yomshado, nakwindlela ozilungiselela ngayo wena ukuganwa uma kuwukuthi kuyisifiso sakho ukuthi uganwe.

Uma uganiwe, yonke into oyishoyo ngomshado kanye nangaye lowo oganene naye kuyawuhlonipha umshado noma kuwudicelela phansi emqondweni walabo abalalele. Ngokufanayo indlela okhuluma ngayo kulowo oganene naye, nangendlela omphethe ngayo oganene naye isho lukhulu ngombono wakho ngomshado. Okuyilona izinga lokuphatha umshado yileli “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke”. Ngisho nezingane zakho kumele zazi ukuthi kuyigugu kakhulu ukugana kanye nokuganwa.

Uma wake washadelwa, kodwa awusashadile manje, nanoma ngasiphi isizathu, ukuganana namanje makuqhubeke kuhlinishwe phakathi kwabanti. Yabelana ngendaba yomshado nalabo abasebancane kodwa kwenze lokho ngendlela ehlonipha umshado.

Ukuganana yiyona kuphela into yasemhlabeni eMBhalweni engenayo into embi eshiwoyo ngayo. Zonke izinto zempilo yasemhlabeni zibekwa njengezimbi futhi eziyizeleze uma ufunda incwadi kaMshumayeli– izinto eziningi zinhle kakhulu, kodwa ziyizeleze. Ngaphandle komshado. Ukuganana amanenjana entokozo kulomhlaba oyizelelze. Funda ukuphakamisa inhlonipho yomshado emhlabeni owudicilela phansi ngalendlela exakile.

Hamba uyoba umngani omuhle kulowo oshade naye, namhlanje; ungazidluliseli kwabanye lezizinkulumo nezithombe ezihlekisa ngomshado; Zijwayeze ubumsulwa kwezocansi ukuze ubonakalise ukuthi ubudlelwane bocansi bungobomshado kuphela, ngoba ukwenza ucansi kuhambisana nokuba yikhethelo kokuganana. Khuluma ngokuhloniphekile ngecebo lokuhlelwa komshado ngesikhathi lapho abaningi benza inhlekisa ngokuhlanganyela kwabo emshadweni. Yiba eminye yemisebe yobuhle yokuganana.

Scroll to Top