Praying With Those in Trouble
IHubo 28 wumkhuleko womzalwane ezweni elingahlelekile ngenxa yokungabi namthetho. Liqala ngokungabi ngokukhombisa ukuphelelwa yithemba okukhulu kungekho lapho kungaqhamuka khona usizo. Liphele kungekho okubaluliwe okwenze kwabakhona ubungcono kulesisimo. Kodwa kuleliHubo uDavide okholwayo wakhuleka ngokukholwa wazewaphuma ekuphelelweni yithemba wangena ethembeni. Liyisibonelo somkhuleko lapho izwe seligebhulwe labhekiswa phezulu. Futhi liyisikhuthazo ukuthi ukuthembeka ohambeni lwakho loBukhrestu yiyona into okulungile ukuthi izinhliziyo zethu zigxile kuyona ngesikhathi lapho izinkinga zizama ukucindezela ithemba lethu. Futhi liyisikhumbuzo ukuthi intokozo yethu neculo lethu nokukhonza kweth akuncikile kwizigameko zomphakathi osizungezile, kodwa kuncike kwizimfanelo zesimilo sikaNkulunkulu.
IHubo 28:1-3 yilokho uDavide abhekana nakho okufanayo nalokho abaningi ababhekana nakho ezindaweni abahlala kuzo ezinezinkinga nasemazweni abahlala kuwo anezinkinga.
IHubo 28:4-5 wumkhuleko kaDavide ekhulekela ubulungiswa, kodwa hhayi ngoba kukhona okuthize akusabayo noma enenzondo. Umkhuleko wakhe wobulungiswa ungenxa yezinga elikhulu abuka ngalo isithunzi sikaNkulunkulu nomsebenzi Wakhe.
IHubo 28:6-9 ligcwaliswe ngamandla, ithemba nokuphepha konke okungaphezulu kwalokho okuyimvelo. Kukona konke ukwesaba kwakhe okungenalo ithemba, kuneculo lokubonga ngokwekwethemba uNkulunkulu elibusa ukuziphatha kanye namazwi akhe. Liphela ngomkhuleko ofanayo njengasekuqaleni, kodwa kodwa manje sekukhona ukwehla komoya.
Khuleka lelihubo nabazalwane abasemazweni lapho kubusa khona udlame olungabandlululi nokwesaba kubusa. Kuzona zonke izimo ezingconyana zokungabikho kokulawulwa okusezweni lakho, thulula isifuba sakho eNkosini, uzikhumbuza amandla Ayo nendlebe Yayo ezwayo.
