Who should praise the LORD?
Ukudumisa uSIMAKADE akusona nje kuphela isibopho nelungelo lalabo abasindisiwe. Kuyiqiniso ukuthi wonke umuntu osindiswe esonweni ukweleta uSIMAKADE ukudunyiswa okukhulu, kodwa iqiniso lithi zonke izinto kufanele zidumise uSIMAKADE.
KwiHubo 148 kunikezwa loluhlu lwalabo abanomsebenzi nesibopho sokudumisa uSIMAKADE:
- zonke izidalwa zasezulwini ezingaphezu kwemvelo (amavesi 1–2)
- zonke izinto ezihlukahlukene ezisemkhathini (amavesi 3–4)
- zonke izinto eziDaliwei, njengezilwane zasolwandle (ivesi 7), izenzakalo zesimo sezulu (ivesi 8), izintaba, amagquma, nezitshalo (ivesi 9), kanye nazo zonke izilwane (ivesi 10)
- bonke abantu ababalulekile nababusi (ivesi 11)
- bonke abantu ngokuvamile (ivesi 12)
Isizathu sokuthi yonke into kuloluhlu kufanele idumise uSIMAKADE ukuthi Nguye owayidala yonke (ivesi 5), wayinika indawo nomsebenzi wayo wokumdumisa (ivesi 7), kodwa akukho lutho olukhulu noma oluphakeme njeNgaye (ivesi 13). Mphakamise kakhulu uSIMAKADE namuhla, ngoba wakudala, wakubeka endaweni okuyo empilweni, futhi mkhulu kakhulu kunawe.
Ukuyivala, evesini le-14 kukhulunywa ngabangcwele. Nakuba nabo befakiwe emyalweni othi, “Dumisani uSIMAKADE!”, sifunda nokuthi nabo bayaphakanyiswa. Hhayi ngendlela uSIMAKADE adunyiswa ngayo, kodwa kusho ukuthi bayilabo abamukeliswa isibusiso esikhulu saLowo oMkhulu. Siyizinto uNkulunkulu abonakalisa kuzo ubuhle bakhe. Ngakho-ke, masikhuthaze bonke abantu ukuba badumise iNkosi noNkulunkulu wethu.
