Isono, esimosha yonke into empilweni, sishiye isibazi saso nakubudlelwano obusendele kakhulu kithina futhi. Imindeni ezwa ubumnandi lobo umndeni owakhelwa ukuba nabo, mincane impela

Uyazi kuhamba kanjani. Umfana uhlangana nentombazane, kuvuke uthando, amazwi amnandi ayaziphumela esuka komunye eya komunye, amazwi athandekayo okwazisa kanye nokuhlonipha omunye andiza emoyeni. Usuku lomshado lubungazwa ngokusezingeni eliphezulu elifanelekile kanye nofakazi abathandakeyo. Abashadikazi abasha bajabulela ihoneymoon egcwele intokozo, bejabulela isivumelwane sobudlelwano obunenjabulo ephelele, ukujabulisana ngemizimba, injabulo ephelele yomshado. Ngokuhamba kweminyaka kuba khona izingane emshadweni, imoto encane iyashitshwa ngenkulu, bese izinhlelo zesikole ziqede zonke izinto ezimnandi zomndeni obuthembile ukuthi uzozithokozela emshadweni. Ngaphezulu kwalokho, uMlingi uza enyonyoba ezongena emndenini, atshale izifiso ezigcwele isono, ephambanisa indima edlalwa iNdoda kanye nedlalwa uNkosikazi, ahliphize nendima yomzali kanye neyengane , atshale ukungabaza uhlelo oluhle likaNkulunkulu olwakhelwe umndeni. Oyedwa noma bobabili abashadikazi bonane- bayona kuNkulunkulu bonane bodwa futhi- angiyiphathike eyezingane! uMlingi, eyiqili elingumkhohlisi, wenza amathuba okuziphakamisa ande kabi futhi akhule kwinhliziyo yelunga lomndeni ngalinye. Lokhu kuziphakamisa kuqale kugweme ukusolwa, kuye kumelane nokuqondiswa, kunqwabelanise impikiswano yokukhomba icala kwabanye nokwenza izaba. Umphumela kube umndeni ogcwele ihlazo, ukuzisola, nokwanda kwemiphumela emibi.

Lokhu kungachaza imindeni eminingi, kodwa lomndeni siyawazi kakhulu: uAdamu noEva, nabantwana babo bokuqala ababili kwabaningi ababe nabo. Isiqalo “Esihle ngokuphelele”- “osofa silahlane”- konakaliswa isono, bathelela nabantwana babo, baqhubeka kulesimo esibi iminyaka yabo yonke yokuphila emhlabeni engaphezulu kuka-900.

Kungenzeka kanjani ke ukuba umndeni ogcwele ophuma silwe, wenziwe ube umndeni onobunkulunkulu ojwayelekile futhi, bese uhlale uwumndeni onobunkulunkulu okahle ngokujwayelekile?

Njengazo zonke izinkinga empilweni, izinkinga zomndeni zilungiseka ngamakhambi ayisisekelo amabili. Ikhambi lokuqala isifundo ngoNkulunkulu esiphilile. Ikhambi lesibili ubunkulunkulu obubonakala ngezenzo. Uma lamakhambi ehlanganiswa womabili, zonke izinkinga ziyaxazululeka. Ngisho kungathiwa oyedwa kubashadikazi emshadweni owamukela lamakhambi womabili, lokhu kwenza ingxenye yomshado ibe ngcono, nomphumela emndenini uzobonakala futhi. AmaHubo 26:1 achaza ukuthi uNkulunkulu uyakususa ukusolwa kwalabo aba “hamba ngobuqotho” futhi aba “thembele kuwe (kuNkulunkulu)”. Uku “hamba ngobuqotho” kuyibona ubunkulunkulu obubonakala ngezenzo, uku”thembela kuwe” kusho isifundo ngoNkulunkulu esiphilile. Uma unalokho kokubili, uNkulunkulu uyakususa ukusolwa kuwe.

Ophuma silwe baba, futhi bahlale, bewumndeni, uma benesifundo ngoNkulunkulu bese benza ubunkulunkulu obubonakala ngezenzo nsukuzonke. Yenza lamakhambi womabili abe iyona into oyiphokophelele empilweni ngokuzibeka ngaphansi kwabafundisi bezwi abaphiwe nguMoya Ongcwele kanye nangaphakathi kwabazalwane abaphiwe nguMoya Ongcwele ukuze bakufundise isifundo ngoNkulunkulu osidingayo kakhulu futhi bakukhuthazele ebunkulunkulwini ongasizakala kubo.