Ziningi izihloko eMbhalweni ezithinta ukushisekela, ukucabanga, ukwenza, nokuziphatha kwethu kwansuku zonke. Mhlawumbe esinye sezihloko esisabalele eMbhalweni wonke esikhuluma ngoku”Mesaba uSimakade”. Uku”Mesaba uSimakade” akusavamile ukukhulunywa ngakho ( ngisho nakumaKrestu imbala!), kodwa ngokuqinisekile asikho isifundiso seBhayibheli esivumelana nokunyamalala kwesihloko soku “Mesaba uSimakade” kukho ukuxhumana kwethu njengamaKrestu kanye nokuxhumana nabantu bonke. Uku”Mesaba uSimakade” kugcwele ngokuvelele eMbhalweni kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni.
kuGenesis, uAbrahama wabiza isizwe sabangakholwa njengesizwe “esingenakho ukumesaba uSImakade kulendawo” kuEksodusi nakuDutheronomi, bayayalwa ngokusobala ukuba ba”Mesabe uSimakade uNkulunkulu wenu”. Kwizincwadi zomlando , ukuMesaba uSimakade, ukuMesaba uSimakade kwakuyisimilo esichaza labo abayibonayo imisebenzi kaNkulunkulu ayenzela abantu bakhe. Izincwadi zobuhlakani mhlawumbe izona ezaziwa kakhulu ngesifundiso sokumesaba uSimakade. Kuzona ukuMesaba uSimakade kuyisimilo esichaza labo ababethanda iZwi, izono zabo zase zixolelwe futhi behamba ngobungcwele phambi kukaNkulunkulu nababtu. Kwizincadi zaba profethi, sibona isizwe sahlulelwa ngokungamesabi uNkulunkulu kuphinde kuthenjiswe nezibusiso kulabo abanakho ukuMesaba uSimakade. Kwizincwadi zeVangeli, uMariya ucula ngesihawu sikaNkulunkulu esehliselwa kulabo abanokuMesaba uSimakade, noJesu ufundisa abafundi bakhe ukumesaba uNkulunkulu kunokusaba abantu. Kwincwadi yeZenzo sibona ukuthi uNkulunkulu ubamukela kanjani labo abanokumesaba uSimakade. Kwizincwadi ezilotshelwe amabandla sibona ukuthi ukumesaba uSimakade kukhombisa umehluko walabo abakhowayo kulabo abangakholwa. Okokugcina, incwadi yeSambulo iyasiphetha lesisifundo ngokukhombisa ukuthi kuyoza kanjani ukuba abantu bonke bamesabe uSImakade. ukuMesaba uSImakade kusabalele kuwona wonke uMbhalo kusuka kuGenesisi kuya kwiSambulo.
Kuyaliwe kumakhosi nakubafokazana kanye nakubantu bonke abasezingeni eliphakathi nendawo kulawa. Kuyafuneka ukuma kukhonzwa futhi kubaluleke kakhulu maqondana nobungcwele bomuntu ngayedwana. Khona kunjalo, ukumesaba uNkulunkulu esinye sezifundo okunzima ukuzichaza kuwona wonke uMbhalo. Sibalwa ndawonye namagama noma iqoqwana lamagama anjengalawa “ukukhonza”, “ukulunga”, “izindlela zikaSimakade”. “ukuhlakanipha”, “ubunkulunkulu”, kanye nelthi “impilo”. Lamagama kunzima ukuwachaza ngegama elilodwa noma ngomusho omufishane. Kwigqikithi yezinye izifundo ukumesaba uSimakade “nokuhlakanipha” achaza into eyodwa. Kwezinye izindantshana zoMbhalo, ukumesaba uSimakade ikona okubonisa ukuthi “indlela kaSimakade” ibukeka kanjani kubantu. kwiTestamente Elidala, “ukuMesaba uSimakade” kwakuyisisho nje esasichaza ukuba nobunkulunkulu kwesinye isikhathi sidlulise umqondo wokukhonza kweqiniso, noma isifundo sonke soku”kholwa.”
uWalter Kaiser uchaza leliqoqwana lamagama kabanzi ngokuthi “ ukuphendula kwekholwa ngenhliziyo yalo yonke okubhekiswe kuNkulunkulu walo”. Ngiyayithanda lencazelo. Ifaka phakathi ukukholwa, ukulalela kanye nokukhonza konke lokhu kubalelwa kuqobo lwakho lonke. Ukulokhu sifunda ngokumesaba uSImakade ngokuphindelela kukwenza kuthakaseleke kakhulu futhi sibe nokufisa ukukubamba, sikugcine bese sisizakala ngakho.
Uma ufaka konke lokhu kumusho owodwa ofingqiwe uthola incazelo ethi:
Uku”Mesaba uSimakade” kuwuku “zithoba kwethu ngenhliziyo yonke, ngokuzinikela kuNkulunkulu kubona bonke ubunjalo Bakhe.”
Lencazelo iyakushintsha ukukhonza kwakho ngokuvula ukuqonda kwakho uNkulunkulu ngobunjalo Bakhe noma ngazo zonke izimilo Zakhe.
Lencazelo ijulisa ukukholwa ngokuthinta inhliziyo yethu yonke.
Lencazelo iyalela ukuba ulalele, ngokuzithoba nangokuzinikela kuNkulunkulu.
Umhlaba wonke mawumesabe uSimakade; bonke abakhileyo ezweni, mabathuthumele phambi kwakhe!
IHubo 33:8
