Sesiyazi ukuthi kukhulunywa ngeqiniso lezindlela zikaNkulunkulu ezisekele kuJesu kuphela. Umbuzo osusele, yikuphi lapho likhululana khona leliqiniso? Iyiphi lenkululeko?
Kwincwadi kaJohane 8:34 uJesu uthi: “ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini, yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.”
Nansi inkinga enkulu ekhona phezu kwempilo yomuntu, isono singumphathi wakhe, yena uyisisebenzi sesono. Uphila ngokwentando yesono.
Ngakho iqiniso uJesu akhuluma ngalo alikhulili nje umuntu ekulahlweni unembeza, kodwa liyamsusa ngaphansi kokugqilazwa yisono, limenze abe ngokhululekile. Ukuze umuntu aphume ekubeni isigqila ngaphansi kwesiqhwanga esiyisono, umelwe aqale ngokukholwa kumhlengi nomkhululi, owahlula lesisiqhwanga, uJesu Khristu. Bese ehlala ngokufunda iBhayibheli ukuze asazi isifundiso sikaJesu, bese ema kuso. Lokho kuzomholela ekwazini iqiniso, bese lelo qiniso yilo kanye elizomkhulula.
Labo abakuKhristu ngalendlela, sebekhululiwe ebugqilini besono, sebengaphansi kwenkululeko. Iqiniso lokukholwa kuJesu, bame esifundisweni Sakhe libazuzele inkululeko.
“…ngakho ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela.”
ngokukaJohane 8:36